INGXABANO eshubile phakathi kwabadidiyeli abanohlonze emsakazweni Ukhozi FM iholele ekutheni bahlukaniswe nangokwezinhlelo.
Laba badidiyeli abangabanye asebenesikhathi eside bekulo msakazo, uBabheke Mthethwa noMandla Magwaza uNjinji, kuthiwa bake bacishe babambana ngezandla kwasweleka ozogadla bexabana uthuli.
Kuvela ukuthi omunye wabo ukhala ngokuthi uthola izingcingo ezimsabisa nangokufa uqobo, kanti kukhona nomunye osola omunye ngokuhambahamba. Kunane-video ethathwe yi-CCTV, edala ukuthi kube khona ukunukana ngokuthi kunokuthile okwakwenziwa emotweni yomunye.
Bebesebenza bobabili ohlelweni lwasekuseni phakathi nesonto iVuka Afrika Breakfast Show eyethulwa nguSipho "DJ Sgqemeza" Mbatha noNonhlanhla "Mroza" Buthelezi, olungena ngo-6 kuya ku-9 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Ekuqaleni kukaFebhuwari, kwenziwe izinguquko kwakhishwa umdidiyeli walo uBabheke kwafakwa uThozama Ngwenya. UBabheke ufakwe ohlelweni lwantambama iWoza Nabangani Bakho ebididiyelwa nguThozama.
Uhlelo lomculo i-Top 30 engena ngoMgqibelo emini nalo seludidiyelwa nguThozama njengoba phambilini belwenziwa nguBabheke. UBabheke ufakwe kwiChillas ebididiyelwa nguThozama.
Abasebenzi bathunyelelwe umyalezo ngabaphathi, baziswa ngalezi zinguquko, izizathu bangazitshelwa.
Isolezwe selingakuqinisekisa ukuthi ukushintshwa kwabo kudalwe wukungezwani phakathi kukaBabheke noNjinji. UNjinji ungumdidiyeli wemisindo (technical producer) kwiVuka Afrika Breakfast Show aphinde ethule i-Top 30 njengomsakazi.
Umthombo ongaphakathi kulesi siteshi, olwazi ukusuka nokuhlala udaba, uthe ubudlelwano bukaBabheke noNjinji buvele bashintsha esikhaleni.
"Ngasekupheleni konyaka odlule, baze balanyulwa e-studiyo besho ukubambana ngezandla ohlelweni lwabo lwasekuseni,“ kusho umthombo.
Umthombo uthe kubuywa kuDisemba, uBabheke ubengasangeni kwi-Top 30, kunalokho ibididiyelwa nguSihle ngenxa yakho ukungezwani kwabo.
"UBabheke ubhalele abaphathi uheheba lwe-email ebazisa ngengxabano yabo washo nazo zonke izigameko. Engathi wakhuluma nangobunye ubufakazi be-video echaza ngokungamphathi kahle nokuyilapho kube sekuthathwa khona isinqumo sokuhlukaniswa kwabo," kusho umthombo.
Imizamo yokuthola uBabheke noNjinji igcine ingaphumelelanga.
Umkhulumeli we-SABC obambile, uMmoni Seapolelo, uthe ngeke bakwazi ukukhuluma ngezindaba zabasebenzi emphakathini noma "ukuphendula izinkulumo zasemaphaseji".
"Bonke abasebenzi base-SABC bayayazi indlela eqondile yangaphakathi okumele bayilandele uma kunesidingo sokuveza izikhalo."