UMCULI owaba sematheni ngezinsolo zokuthi wadlwengulwa ngowabe eyisithandwa sakhe esingumculi, usejoyine i-Open Mic Productions.
UYamikani Janet Banda, owaziwa ngoLady Zamar, owayesola uSjava ngokumdlwengula, sekuqinisekisiwe ukuthi usejoyine le nkampani eyaziwa ngokuphatha uMakhadzi noMaster KG.
Isolezwe lithole ukuthi ujoyine le nkampani ngenhloso yokwenza izinto zenzeke njengoba bese kubonakala lehlile izinga lakhe uma kuqhathaniswa nakuqala.
Isikhulu esiphezulu se-Open Mic Productions, uLionel Jamela, sikuqinisekisile ukuthi sebeyasebenzisana nalo mculi.
“Empeleni simthathe ohlangothini lobumenenja, okuhlanganisa nokuqashwa kwakhe. Ngokokuqopha nokumaketha umculo wakhe usengaphansi kwayo i-Universal Music anenkontileka nayo.
Ukusijoyina kwakhe akuyona into eqhamuke esithubeni kodwa selokhu saqala ukuxoxa naye ngesikhathi kuxake iCovid-19, ukuthi sinesifiso sokusebenzisana naye. Sigcine sivumelene ngokusebenzisana njengoba esanda kusijoyina.
Inhloso yethu enkulu wukuthi simtholele imicimbi phesheya kwezilwandle. Lokho sinesiqiniseko sokuthi kuzokwenzeka njengoba sakwazi ukukwenza kuMakhadzi nakuMaster KG, abaqashwe kakhulu phesheya kwezilwandle,” kusho uJamela.
Uthe bona bazokwengeza emsebenzini omuhle owenziwa yi-Universal Music kulo mculi.
Ebuzwa ukuthi ngelinye ilanga bangamsayinisa yini ukuthi aqophe ngaphansi kwabo, uthe lokho sekuyoba kuyena uLady Zamar.
“Uma egculisekile ngokusebenzisana nathi, wuyena osengathatha leso sinqumo. Ngeke futhi sikugqugquzele ukuthi ashiye e-Universal Music ngoba sibona konke kuhamba kahle phakathi kwakhe nayo.
Ngeke sifune ukuthi siqede ubudlelwane obuhle anabo nayo,” usho kanje.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bathi abakamxoleli uLady Zamar, ngenxa yezinsolo zokudlwengulwa ayezibhekise kuSjava. Bathi into engaze imsize wukuthi axolise ngesenzo sakhe, uma engakwenzile lokho ngeke bamemukele.
Izinto zikaLady Zamar ziqale ukushintsha emva kwezinsolo ayezibhekise kuSjava. Phambilini abahleli bemicimbi babebangisana ngaye eqashwa yonke indawo.
Leso sigameko sehlisa izinga lakhe lokuqashwa nokuba yintandokazi kubantu njengoba kwenzeka nakuSjava owayengaconsi phansi ngaphambi kwezinsolo.