INKAKHA yomculo weJazz, uMcCoy Mrubata, izogubha usuku lokuzalwa ihlanganisa iminyaka engu-65 ngedili lomculo weJazz iphinde yethule i-albhamu yayo entsha eBat Centre, eThekwini ngoJuni 8.
UMrubata owazalelwa eCape Town , uzoshiyelana inkundla nezinye izintandokazi zeJazz okungu-Andile Yenana ozobe ehamba nebhendi yakhe okukhona kuyona uThuto Moseme noSbu Ncube odlala ama-drum.
UMrubata oseneminyaka engaphezu kuka-40 esendimeni yomculo uzokwethula i-albhamu yakhe iLullaby For Khayoyo ayiqophe ese-USA nyakenye. Amakhophi e-albhamu yakhe azobe edayisa ngalo usuku lomcimbi eBat Centre.
Echaza ngokuza kwakhe eThekwini uMrubata uthe: “Sekunesikhathi ngagcina ukuzonandisa eThekwini. Kuzoba wusuku olukhulu kimina njengoba ngizobe ngibonga noMdali ngokungandisela izinsuku zokuphila nokungibusisa ngaleli khono lokucula. Nginxusa bonke abathandi bomculo weJazz ukuthi beze emcimbini wami futhi ngiyathembisa ukuthi abantu baseThekwini ngizobanika abakufunayo ngihamba nozakwethu u-Andile nebhendi yakhe. Ngiphinde ngibonge neBat Centre ngokunginika ithuba lokuthi ngixhumane nabalandeli beJazz baseThekwini,”kusho uMrubata.
Kule minyaka asenayo esemculweni uMrubata useshiyelane inkundla nabaculi abahlonishwayo okukhona kubona oHugh Masekela, Moses Ngwenya, PJ Powers, Paul Hanmer, Jimmy Dludlu noMoses Taiwa Molelekwa nabanye. Wake wasebenza futhi nasemidlalweni yeshashalazi ekhuluma ngoBob Marley iBob Marley Musicals.
Isikhulu esiphezulu seBat Centre, uNise Malange, sithe sikholwa ukuthi leli dili lomculo weJazz lizohlanganisa abathandi bezobuciko kule ndawo.Uthe bazizwa behloniphekile ngokuthi basingathe umculi weJazz ohlonishwayo njengoMcCoy Mrubata. Uthe umcimbi kaMrubata uyingxenye yemicimbi ehlelwe yile ndawo ukugqugquzela umculo weJazz eThekwini.
Ukudla neziphuzo kuzobe kudayisa khona ngaphakathi eBat Centre. Ukungena kulo mcimbi kubiza u-R120. Umphakathi uyanxuswa futhi ukuthi ufonele khona eBat Centre ukubhukha amathikithi omcimbi.