UBONGA uNkulunkulu ngokumnika iphimbo lokuthi ajabulise abantu bakuleli uBabo Ngcobo, okuthe ngoLwesihlanu waqokwa emikhakheni emine emcimbini wamaSABC Crown Gospel Awards.
Lo mcimbi uzoba se-ICC ngoNovemba 25, nalapho laba baculi bayobe sebehlonishwa ngezindondo.
UBabo, iqembu lezinsizwa ezisencane Abathandwa, uNeyi Zimu neqembu laseTshwane, iTshwane Gospel Choir, yibona abaqengqeleza phambili ngokuqokwa kulo mcimbi.
“Ngijabule kakhulu ukuqokwa kangaka, kusho lukhulu kimina. Uyabona ngempela ngizwa igama lami okokuqala ngijabulile futhi ngashaya umthandazo omcane ngathi Jehova ngiyabonga. Ukuzwa igama lami kane kusho lukhulu futhi ngisho ngingatholanga ngisho eyodwa indondo kule mikhakha lokhu osekwenzekile ngiyakubonga,” kusho uBabo.
Uthe yize ebhala aphinde acule, lokhu kuyakhombisa ukuthi usebenza kanzima.
“Mina uma ngibhala ngiyagxila futhi ngicabange ngijule. Ngifuna ukucula into ezothinta umuntu ngamunye, futhi ize isindise nabagulayo emphefumulweni ngisho nasenyameni,” kuchaza yena.
Uhlelo lwalo mcimbi beluphethwe uSipho Kaleni.
Umsunguli walo mcimbi, uZanele LaMbokazi-Nkambule, uthe ukuvotela abaculi abaqokiwe sekuvuliwe.
“Siyabonga ukuthi iminyaka engu-11 konke kusahamba ngendlela nangomusa kaJehova. Kulo nyaka isiqubulo sithi # Levels okuwukuthi izinga liyanyuka,” kuchaza yena.