UKUCWASWA kwabathandana nobulili obufana nobabo ezindaweni zobumnandi, kuholele ekutheni kugcine sekunendawo yobumnandi esungulelwe lolu hlobo lwabantu kuphela eThekwini.
Umsunguli we-Pride of Durban ekuJoe Slovo Street, uTammy Williams (34) odabuka eMbabane, eNewcastle, uthi wukuthwala kanzima ezindaweni zobumnandi okwamenza wabona kungcono ukuthi abantu abakhetha lobu bulili bazithokozele ngokukhululeka bebodwa.
“Abantu abathandana nabobulili obufanayo bahlala benenkinga ezindaweni zobumnandi. Ukungabikhona kwendawo eqondene nathi, kwenze ngabona ithuba lokuthi ngibe nendawo yalolu hlobo. Iseyintsha kodwa iyasekwa kakhulu njengoba ihlala igcwele futhi ivulwa zonke izinsuku. Ngenxa yokuthi iyona kuphela ekhona la eThekwini, kuyaphoqa ukuthi ivulwe njalo ukuze abathandana nobulili obufanayo bangayisweli indawo abazozijabulisa kuyona ngokukhululeka, bangahlulelwa muntu,” kusho uTammy.
UTammy uthe yize kuyindawo yabathandana nabobulili obufanayo kodwa nabangathandani nobulili obufanayo bavumelekile. Uthe abakuqinisekisa kakhulu kule ndawo ukuthi noma ungathandani nobulili obufanayo kodwa akumele ube ngumuntu obenyanyayo abathandana nobulili obufanayo uma uthanda ukuzojabula khona ngoba le ndawo yenzelwe bona.
Ukuba nale ndawo sekumbeke nasethubeni lokuthi aqokwe emiklomelweni yezindondo ama-Behind the Scene Awards azoba seGold Reef City eGoli, ngoNovemba 9. Uqokwe emkhakheni we-Rainbow Revolution okungumkhakha wabathandana nabobulili obufanayo kuphela. Kuwona uqhudelana nabanye abathandana nobulili obufanayo bakwezinye izifundazwe.
Uthe ujabule kakhulu ngokuqokwa kule miklomelo futhi kungokokuqala eqokwa selokhu aba khona. Njengoba indawo yakhe ethe ihlala igcwele futhi eseqokwa emiklomelweni yezindondo, lokho kukhomba ukuthi izinto ziyamkhanyela. Uveze ukuthi ekuqaleni ubengenalo ibhizinisi futhi ibingekho into abeyenza ngaphandle kokulekelela abantu ekuhleleni imicimbi yabo kuze kube uqala le ndawo.