INJABULO intandokazi yomculi waphesheya kwezilwandle imemezela ukuthi ikhulelwe. UGrace Latoya “Spice” Hamilton wodumo lohlelo lwethelevishini iLove & Hip Hop Atlanta usenameke isithombe emakhasini akhe ezokuxhumana esiveza obala isisu ekhulelwe nokubukeka sengathi usezobeletha.
Lezi zindaba zibajabulise kakhulu abalandeli balolu hlelo umhlaba wonke okubalwa ngisho osaziwayo njengoba iLove & Hip Hop Atlanta ilandelwa umhlaba wonke.
USpice yize engaqali ukuba nengane njengoba kulolu hlelo ehlala evela nezingane zakhe ezimbili kodwa uthando alunikezwe abantu lufakazela ukuba yisilomo kwakhe kulo.
Yize engachazanga okuningi kodwa ukuziphihla ngemisiko enombala oluhlala wenze abaningi baqagula ukuthi kungenzeka ulindele ingane yomfana.
"UNkulunkulu ubemuhle kimi," kusho uSpice. Selokhu enameke lombhalo kuyachwazwa imiyalezo yenjabulo osaziwayo nabalandeli bembongela.
"Ngiyakubongela mama," ebongelwa nguNick Minaj.
"Awu nkosi yami ngiyakubongela mama," kusho u-Amara La negra ongomunye wezilomo zeLove & Hip Hop Miami.
USpice yize edabuka eJamaica kodwa usezakhele udumo emazweni amaningi njengo somabhizinisi, umbhali nomculi ovelele.