KUYACHWAZA ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuthi umondli wezintandane nabaswele ehlonishwe ngendondo ngomsebenzi wakhe. UBI Phakathi, odume ngamavideo awaqopha ezindaweni ezahlukene, ubonge ekhasini lakhe kwiFacebook indondo yamaCrown Gospel Award abese-ICC eThekwini izolo ebusuku. Le ndoda iyichaze njengeyabo bonke abantu abenza umsebenzi ofana nowayo le ndondo.
"Kubona bonke abantu abafanelwe ukuthola kodwa kwaqokwa mina, kuwumusa kaNkulunkulu. Ngigcwele izinyembezi ngokuhlonishwa, ngicela ningibongise kuNkulunkulu ngobuhle angenzele bona. Le ndondo ngeyabo bonke abasizayo nabakhulisa izintandane, ayinigqugquzele niqhubeke nokusiza ngobuntu nothando," kusho uPhakathi.
Yize abantu abaningi bengamazi futhi bengakaze bambone ngamehlo kodwa amavideo akhe amakhele ugazi ezinkundleni zokuxhumana njengoba abantu abaningi behlala beveza ukuthi ayabagqugquzela. Ngisho osaziwayo abaningi bayamlandela kanti abanye babo bahluleke nawukuzibamba yinjabulo, banikela ekhasini lakhe bayombongela.
"Siyakubongela bhuti, engabe ilandwe ngubani ngoba awubonakali," kusho uDr Malinga encokola. UKing Nuba, wodumo lwamahlaya ezinkundleni zokuxhumana, naye ukhona kwabambongelayo.
Ngaphandle kwezakhamuzi zakuleli, kukhona nabaphesheya kwezilwandle nabakwamanye amazwe abalokhu bembongele njalo uPhakathi betusa nemisebenzi yakhe.