KUZOVUKA iminjunju kukhunjulwa iNkosi yesibili yebandla lamaNazaretha, iNkosi Johannes Galile Shembe, Ilanga, njengoba kuqala inkonzo yesikhumbuzo sayo namuhla emzini wayo eNelisiwe, eShowe.
AmaNazaretha ngaphansi kobuholi beNkosi uMduduzi Shembe uNyazilwezulu, aseqalile ukuthutheleka eShowe njengoba kunenkonzo enkulu yeNkosi Ilanga.
Okhulumela amaNazaretha ngaphansi komholi uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe kuzoba yinkonzo enkulu le futhi, iNkosi Ilanga ingenye yamakhosi ahlonishwa kakhulu Ekuphakameni.
“Wonke amakhosi akaShembe aphiwe amandla kodwa kuhluka izindlela asebenza ngazo. INkosi Ilanga yaphrofethwa nguMqaliwendlela ukuthi kuza inkosi enkulu kwaShembe ezolandela emva kwakhe. Asazi ke ukuthi wayesho ukuthini uMqaliwendlela ngalokho, kodwa kuningi okwenziwa yiLanga okwakufakazela ubukhulu balo.
“Ibithi uma ingena Ekuphakameni kuhayize abantu kuphume ufufunyane namadliso kwabanawo. Ngisho nezibongo zayo kukhona izinhlamvu ezithi: ”Ungumehlo awabhekani nawomuntu“. Lokho kungenxa yokuthi yayiyinkosi ongakwazi ukuyibuka eziqwini zamehlo. Ngelinye ilanga yathinta emahlombe indoda eyayisebenzisa izigqabo isesontweni, yavuma phansi,” kusho uMncwabe.
Uthe ngisho nenkakha yemidlalo yeshashalazi engasekho, uMbongeni Ngema, yacelwa kuyona iNkosi Ilanga, yazalwa inesandla esigoqene.
“Abazali baMbongeni bamphindisela kulona Ilanga beyokhala ngokuthi ingane ibingaphrofethwanga ukuthi izozalwa inesandla esigoqene. Lavele lahleka labatshela ukuthi sizobuye siqonde kodwa sigoqene ngoba ifihle izinto zayo okungamele zibonwe yizwe. Nangempela uMbongeni kwahamba isikhathi, isandla saqonda njengoba egcine esevelele emidlalweni yeshashalazi,” usho kanje.
Eqhuba uMncwabe, uthe nagosuku okwakhothama ngalo Ilanga baningi abashiya ukukholwa ngoba babengazitsheli ukuthi ukufa kungathatha Ilanga.
INkosi Unyazilwezulu, nayo yake yashumayela ngesimanga seNkosi Ilanga lapho abamhlophe base bekhiphe isinqumo sokuthi ngeke ubekhona umhlangano kaJulayi ngomunye unyaka ngenxa yokuthi kwakuxake isomiso. Amanzi ayekhona Ekuphakameni kuthiwa bawahlola bakhala ngokuthi awaphephile ukuthi angaphuzwa abantu.
Ilanga kuthiwa lathi umhlangano uzoqhubeka, base belibizela eThekwini, Ilanga ngoba bekhala ngokuthi leqa umyalelo wabo ngamanzi. Kuthiwa lathi uma lifika emahhovisi eThekwini, alizange likhulume lutho kodwa kwatatazela abelungu, balinga nokuguqa ngamadolo bekhuleka kulona. Kuthiwa bagcina sebebuzana bodwa ukuthi ubani obize uShembe ukuthi eze kubona. Emva kwalokho, kuthiwa yibona abavele bathi bazowalethela amaNazaretha amanzi azowaphuza, awuqhubeke umhlangano kaJulayi.
INkosi Ilanga yahola ibandla lamaNazaretha kusuka ngo-1935 ineminyaka engu-30 yaze yakhothama ngoDisemba 19,1976, emva kweminyaka engu-40 ingumholi wamaNazaretha.
UMncwabe uthe ngoLwesithathu kuqale inkonzo kufakazwa ngemisebenzi yeLanga bese kuba nemigidi eyahlukene ngokuhamba kwezinsuku.