LISWELE amaphiko okundiza iqembu elisha lezithandani zabobulili obufanayo iThe Billionares, ngemva ngokuqokwa eminxeni emithathu kuma-Eminent Video Music Awards.
Le miklomelo yezindondo izoba ngoNovemba 11, eLinder Auditorium, eParktown, eGoli, kanti isineminyaka emithathu yasungulwa.
Kuqokwe i-albhamu yokuqala yeqembu futhi lisanda kuyikhipha ethi iSons of the Soil, nokungeyokuqala selokhu liqalile ukuba ngoDJ.
Liqokwe emunxeni weBest Artist of the Year, Best Collaboration Video noweBest Group Video.
UNgcebo Mdima, oyilungu leThe Billionaires, uthe bebengazitsheli ukuthi bangaqokwa ngempela kule miklomelo ngoba baseyiqembu elisha.
“Besizama inhlanhla sizitshela ukuthi akulula ukuthi sesingaqokwa emiklomelweni yezindondo ngenxa yokuthi sibasha endimeni yomculo. Simangalile sesiqokwa eminxeni emithathu. Lokhu kusho lukhulu kuthina ngoba siyaqala ngqa, ukungenela imiklomelo yezindondo. Noma sifisa ukuwina kuyona yonke iminxa esiqokwe kuyona kodwa esiwubheke kakhulu oweBest Collaboration Video,” kuchaza uNgcebo.
Ukuvotela abaqokwe emiklomelweni ungabhala ukuthi: EMVA, nenamba yomunxa owuvotelayo esekhasini lale miklomelo kwiFacebook, bese uthumela umqhafazo ku-40439. Umqhafazo ubiza u-R2.00.
Kule miklomelo kuqokwe nabaculi abehlukene okubalwa uLwa Ndlunkulu, Dumi Mkokstad nabanye.
UNgcebo ungumphathi wenkampani yabaculi iChalie Communications Pty (Ltd). Ngaphansi kwayo useke wasebenzisana nabaculi abehlukene okubalwa uDeekay noTNS. Omunye umculi nguZanoxolo King, ongenele ama-Idols SA, nozokhipha isingili lapho epike uPhelo Bala ngasekupheleni kwale nyanga.
Phambilini uNgcebo ubesebenzela i-Universal Music, kanti uke wasebenzisana noLady Zamar, Prince Kaybee nabanye. Wathatha isinqumo sokuzimela ngemva kokushiya kule nkampani.
Emva kweminyaka ekhiqiza abaculi ngaphansi kwenkampani yakhe, uthathe isinqumo sokuthi asebenze nesithandwa sakhe, uKarabo Obarak.