BEKUNGELULA ukuqagela ukuthi ubani ozohamba nesicoco sesizini ka 18, yohlelo ama-Idols SA, agoqwe izolo eHeartfelt Arena, ePitoli.
Phakathi kukaNozi Sibiya waseThekwini, eMlaza noThapelo Molomo waseLimpopo, kucacele nengane encane ukuthi bobabili bayathandwa njengoba izihlwele ebezihambele lolu hlelo kanye nabalandeli babo ezinkundleni zokuxhumana bebelokhu beqagela kodwa kungacaci ukuthi ubani othandwa kakhulu kunomunye.
Kodwa uThapelo, obezoxhaswa ngisho uNgqongoqshe wamaPhoyisa kuzwelonke uBheki Cele, njengoba eyiphoyisa, ukuqedile lokho kuqagela ekhala emuka nesicoco.
Ngaphakathi eHeartfelt Arena ngesikhathi sekhefu abalandeli bakaThapelo bebevutha bengabaselwe becula ingoma ethi "uThapelo lo abamaziyo abazange bambona", bemxhasa.
Bevala kulolu hlelo uNozi ucule ingoma kaRihanna ethi Please Don't Stop the Music, uThapelo wacula ekaMakhadzi ethi Limpopo, ejatshulelwe abaningi eyicula.
Bobabili babe sebebonga abalandeli babo ngengoma kaRihanna ethi Lift me Up.
Amajaji alolu hlelo uJr, Thembi Seete noSomizi bakhombise abalandeli balolu hlelo ukuthi kungani bengamajaji alo njengoba bebanandisele esiteji.
UJr ucule no-AKA ingoma yabo ethi All Eyes on Me, uThembi wakhumbuza abantu izingoma zeBoom Shaka bacula ingoma ethi Its About Time nethi Thobela, uSomizi yucule ingoma kaLil Nas ethi Industry Baby.
Abanye abaculi abanandise kulolu hlelo kubalwa u-Oskido obehamba noMthandazo Gatya, Costa Titch nomculi waseNigeria uD'banj.
Kosopolitiki nosaziwayo abebehambele umcimbi kubalwa uSjava, owayengunkosikazi kaMnuz Jacob Zuma uThobeka Madiba nezimeya zamadolobha ahlukene eGoli.