INJABULO iyachichima kumdwebi wodumo losaziwayo nosopolitiki abangasekho emhlabeni, lokhu kulandela ukudwetshwa indodakazi yakhe encane. ULebane Serenje ongumdwebi osezakhele udumo kwezobuciko uveze ukuthi nendodakazi yakhe encane ihamba ezinyathelweni zakhe nevele yamdweba enjengoba enjalo.
" Ingidwebile indodakazi yami eno-8,"kusho uRasta.
Kube sekuhlukana imibono ezinkundleni zokuxhumana ngalo mdwebo njengoba abanye bethi uRasta ushaywe ngezakhe naye, kube kuhle ukuthi adwetshwe indodakazi yakhe.
" Impela leli aphula aliwelanga kude nesihlahla,"kusho u-Italiano.
" Ungcono kakhulu kunawe,"kusho uChikhule.
"Amanye amakhono awafanele ukudluliselwa kwabanye,"kusho uKingsman.
"Ukhamba lufunze imbiza imbiza, kusho isiZulu,"kubhala uThandeka.
Yize kunjalo abanye bayishayele ihlombe indodakazi kaRasta ngokulandela uyise. Phambilini uRasta uke waveza ukuthi umndeni wakhe uyameseka kakhulu kulo msebenzi wakhe. Khonamanjalo noRasta uphinde wagadla ngomdwebo omusha weSilo uMisuzulu kwaZwelithini. Nawo lo mdwebo usematheni njengoba kukhona abawuncomayo nabakhala ngokuthi ushaye eceleni.