INKAMPANI ekhiqiza imidlalo yethelevishini iStained Glass TV ithe izokwethula imidlalo emisha ezothokozisa abalandeli ngemuva kokusayina isivumelwano sokusebenza neNetflix.
IStained Glass izakhele udumo ngokukhiqiza umdlalo okubalwa Uzalo kwiSABC 1, ikhiqhize eminye imidlalo enengengDurban Gen ebikhonjiswa kwi-etv, Ehostela eyayinamasizini ahlukene ikhonjiswa kuMzansi Magic neThe Wife eyayikhonjiswa kwiShowmax, imemezele ukuthi iyajabula ngobudlelwano bayo neNetflix ngoba buzothuthukisa nethalente labalingisi bakuleli.
Abaphathi beStained Glass uGugu Zuma-Ncube noPepsi Pokane, bathe lobu budlelwano buzosiza ngokuthi batshale imali kwingqalasizinda nasekuthuthukiseni amakhono.
I-Netflix ayisayinanga isivumelwano neStained Glass kuphela kodwa zikhona nezinye izinkampani okukhona kuzo iBlackBrain Pictures, Gambit Films nazo eziyingxenye yalesi sivumelwano sokusebenzisana.
Ngonyaka odlule iNetflix yazibophezela ekutshaleni imali engaphezu kuka-R900 million ekukhiqizeni izinhlelo zakuleli.
Kwenzeka lokhu nje, iqinisekise amafilimu nemidlalo ezokhonjiswa kusuka manje nasekuqaleni konyaka ozayo. Phakathi kwayo kubalwa isizini entsha yesine yomdlalo iBlood & Water ezoqala ngekota yokuqala yonyaka ozayo, isizini yesithathu eveza impilo yezilomo zase-Afrika iYoung, Famous & African ukuqoshwa kwayo okuzoqala maduze, kanye nesizini entsha yeSavage Beauty nezinye izinhlelo ezihlabahlosile ababukeli abangazilindela.