UBUHANJELWE ngosomabhizinisi abaphezulu, osaziwayo kwezokungcebeleka nasebholeni likanobhutshuzwayo umshado wendodakazi yesikhulu seqembu lebhola AmaZulu FC, uSandile Zungu obungoMgqibelo.
Indodakazi kaZungu, uSinenjabulo Ntuli, ibophe elikasofasilahlane nomdlali waleli qembu uBongi Ntuli, emcimbini okuthiwa ubusezingeni eliphezulu endaweni kayise yemishado iThe Zunguness Wedding & Conference Venue, ePietermaritzburg, evame ukusingatha imishado yomntakabani.
USinenjabulo exoxa naleli phephandaba izolo, uthe yena nomyeni wakhe bajabule ngoba usuku lwabo olukhulu lube yimpumelelo. Uthe manje sebebheke umshado wesintu ozoba kwamyeni wakhe eCato Ridge maduze.
“Sibonga wonke umuntu obekhona, imindeni yethu, abangani, nezimenywa zonke, sibe nosuku oluhle kakhulu. Siphezu kwamalungiselelo omshado wesintu, sikholwa wukuthi nakhona sizokwesekwa ngendlela efanayo sesiya emaphethelweni okuba inkosikazi nendoda,” kusho uSinenjabulo obezwakala ukuthi ujabule.
Isolezwe likhulume nabebehambele umshado, abawuvali umlomo ngobuhle nobukhazikhazi, impatho abayitholile njengezicukuthwane ezikhethekile ebezimenywe ukuzobungaza abebeshada ngosuku lwabo olukhulu.
Omunye wezimenywa ufanise into ayibonile njengezulu uqobo.
“Yaze yayinhle into yezingane bakithi, bekukuhle kumnandi, sabusa akukho obekungekho. Bekukhona osomabhizinisi baKwaZulu-Natal abahlukene nabaseGoli. Umndeni wakwaZungu ubuphume ngobuningi bawo, abantu begqoke kahle, bawuhloniphile nombala wosuku, angikaze ngibubone ubuhle obungaka, wonke umuntu ubegqoke umbala omnyama, kodwa loyo naloyo ubehlukile futhi emuhle ngendlela yakhe,” kusho umthombo.
Kunandise iMafikizolo, UMondli, DJ Merlon, DJ Thukzin osaziwayo okukhona kubo uTha Simelane nabadlali baMazulu abebephume ngobuningi.
Beqala ubudlelwane babo, kuthiwa bekunokwesaba kwabaningi ukuthi uyise uZungu wayezoyithatha kanjani indaba yabo, nokuthi wayezomamukela kanjani uBongi, nakuba kungacaci kahle kodwa kuvela ukuthi okwenza ukuthi angathukutheli, kwaba ukushesha kukaBongi ukulobola. Kuthiwa lokhu kwenza wabona ukuthi uzimisele ngendodakazi yakhe.
Ngokusho kwemithombo, okuphinde kwakhele uBongi ugazi kumukhwe wakhe ukushisa enkundleni. Ubufakazi balokhu wukuthi useyidlale yaba mihlanu imidlalo yoSuthu kwiDStv Premiership kwisizini ephezulu.
“Empeleni selokhu uZungu alithenga iqembu emndenini wakwaSokhela, uBongi ungesinye sezithenjwa. Ngakolunye uhlangothi uSinenjabulo othathe isikhundla sokuba iCEO yeqembu selithengwe nguyise ngaphambilini wayekade ephethe kwamanye amabhizinisi kayise.