Baphatheke kabi abathandi bendawo yobumnandi iHavanna Music Café, esenkabeni yeTheku, okudalulwe izindaba zokuthi iyavalwa.
Izindaba zokuvalwa kwendawo zidalulwe ekhasini layo kwiFacebook ngoLwesibili ntambama.
“Sithanda ukunazisa ukuthi uhambo lweHavanna Music Café selufike esiphethweni. Sithanda ukunibonga ngokuseseka kuyo yonke le minyaka,” kusho isitatimende okuthiwa ngesabaphathi.
Imenenja yendawo ebiphinde ihlele imicimbini uPhilani “Ntshebe” Maluleke itshele Isolezwe ukuthi ilahlekelwe kakhulu ngokuvalwa kwayo.
“Yilapho engazakhela khona igama kodwa akukho okungapheli. Ngibonga ukwesekwa engikuthole ebantwini,” kusho uNtshebe oqale ukusebenza eHavanna kusuka ngo-2010.
“Asethembe ukuthi uma kwenzeka kuba nenye indawo umuntu ayivusayo ukwesekwa ekungitholile ngizoqhubeka ngikuthole. Kube mnandi kakhulu kodwa into ifike ivulwe bese kuba nesikhathi sokuthi ivalwe kudedelwe abanye.”
Le ndawo, ebingasenxanxatheleni yezitolo iThe Workshop, izakhele udumo ngokuletha oDJ nabaculi abahlukene kusukela yavulwa.
Abalandeli bayo bakhale ekhasini layo.
“Ngiyathemba ukuthi leli yiqhinga lenu lokuzimaketha akulona iqiniso,” kusho u-Unathi Munafiek Lumko.
“Kanjani manje?” kubuza u-Iamanda’ak Cele kaNjomane.
“Ingaphezulu kwengu-15 iminyaka nisebenza, nihambe kahle zingwazi. Abantu abaningi balahlekelwa wubuntombi/ubunsizwa babo ngenxa yenu,” kubhala uLinda Mtatambi.