SEKUQUBUKE indida ngemva kokumiswa kohlelo lwabesifazane abadlule ezingqinambeni ezahlukene empilweni, iThe Queens of Mzansi ebikhonjiswa ngoMsombuluko ebusuku, kwiSABC 1.
Lolu hlelo obekuvela ukuthi luseneziqephu ezisazokhonjiswa, kuthiwa lumiswe ngenxa yezinkinga eziningi ezikulona.
Kuzokhumbuleka ukuthi izinkinga zalo zike zabikwa yiphephandaba, lapho imIthombo yadalula ukuthi abesifazane abavela kwiThe Queens of Mzansi bebekhala ngokungakhokhelwa imali egculisayo, ukusebenzisa imali yabo uma kuyoshuthwa iziqephu, nokuzithengela izimpahla abaswenka ngazo.
Imbangela yokumiswa kwalo, umthombo udalule ukuthi kungenxa yokuthi alunazo izinombolo ezanele ukuthi luqhubeke.
"Kuyacaca ukuthi abaphathi beSABC sekufike lapho bekhathala khona ngenxa yezinkinga obekulokhu kukhalwa ngazo. Asikho isiteshi esingathanda ukuzimbandakanya nohlelo olunezinkinga ezingapheli," kusho umthombo.
Kuthintwa uNomqhele (onqabile nesibongo sakhe) wabaphathi benkampani ebiqopha iThe Queens of Mzansi, wale waphetha ukuphawula ngodaba.
UGugu Ntuli weSABC, uthe iThe Queens of Mzansi ibisiphelelwe isikhathi okwakuvunyelenwe ngaso kwinkontileka.
Abesifazane abayingxenye yohlelo nguSamkelisiwe (Samke) Mhlongo, Lucky Mthembu, Paloma ( Lolo) Mlunjwana, Siphelele Makhanya, Ntombifuthi Mthembu noNana Zondi.