USEBASHIYE bedidekile abalandeli umculi wakuleli oshisa izikhotha kulezi zinsuku kulandela ukunameka isithombe esimveza samuntu okhulelwe. UMakhadzi unameke isithombe esikhombisa isisu somuntu okhulelwe wabhansela ngombhalo omchaza njengomuntu okhulelwe amawele. Lokhu kudide abaningi njengoba engazange akubeke kucace ukuthi ukhuluma ngomculo nama- albhamu amasha aqoshwe yinkampani yakhe.
" NgoJuni 16 ngizoteta amawele ngaphansi kweMakhadzi Entertainment. Ingane yokuqala iZwininakele official, ingane yesibili iNaizwifha. Kuleli sonto sizokhipha imovie noMr Bow," kubhala uMkhadzi.
Abantu babe sebeqala ukumbongela abanye bebabaza ubuhle bencoma nokuthi simvumile lesi sisu.
" Ngiyakubonga ngamawele azayo Khazinato kukuthandile nokukhulelwa," kusho uKulani Valencia.
" Ndlovukazi yami enhle, ukukhulelwa kuyakufanela," kusho uMadidimalo Maomela Karabo enameka nobuso obuhlekayo.
Khonamanjalo babuye babuyisane kubekhona abachazela abanye ukuthi basola ukuthi ukhuluma ngomculo.
" Cha, akakhulumi ngokukhulelwa kwangempela, ngicabanga ukuthi usho i-albhamu ezayo," kusho uRelopolotso Gloria Ngoae.
Evala umbhalo wakhe uMakhadzi uthe yize engakhulelwe yena kodwa i-albhamu yakhe izithwele kakhulu nokuphinde kwabadida abantu wathola intuba yokulokhu eqhubeka nokufaka izithombe samuntu othandiswa utamatisi