NJENGENDLELA yokuzama ukulwa nobugebengu kuleli, isiteshi sethelevishini, iMoja Love, iza nohlelo olusha iSizokuthola, oluzophenya - lweneke izenzo zobugebengu ezenzeka emphakathini.
ISizokuthola ezoqala ukukhonjiswa ngeSonto, ngoJanuwari 8, ngo-9.30 ebusuku, yethulwa wuXolani Khumalo ozobe esebenzisana nabomthetho nezintatheli eziphenyayo, bese bebamba izigilamkhuba baziyise emaphoyiseni.
Inhloko yezinhlelo zeMoja TV, uBokani Moyo, ithe ukuba phezulu kwezibalo zobugebengu kuleli, obunye babo okugcina kungabikwanga emaphoyiseni - ngezinye zezizathu ezenza basungula lolu hlelo.
“Ubugebengu yinto esingenakuyibekezela kuleli, ngakho siyaziqhenya ngokusebenzisa isiteshi sethu, sibambisene nezintatheli nabezomthetho, ukuzama ukunqoba lesi sihlava esibi kangaka ezweni.
“SiyiMoja Love wumsebenzi wethu ukuveza obala izinto ezenzeka emphakathini, kanjalo neSizokuthola ayehlukile kulokho futhi izovula amehlo abantu abaningi,” kusho uBokani.
ISizokuthola wuhlelo lwesibili oluphenya izinto ezenzeka emphakathini kwiMoja Love, lulandela iS’khipha AmaFiles, yona egxile ekuvezeni izenzo zenkohlakalo.