MBALI KHANYILE
IMOJA Love imkhombe indlela engakawuqali umsebenzi umethuli wohlelo uYaya Mavundla, kuthiwa bekungasebenzeki kahle naye ngenxa yempakamo. Uhlelo ludingida impilo yabathandana nobulili obufanayo.
Kubikwa ukuthi bekulindeleke ukuthi uYaya, aqale ukuqopha iziqephu zohlelo olusha, iComing Out ngoJanuwari 27 kodwa isiteshi sathatha isinqumo sokummisa izinhlelo zokusebenza naye.
Umthombo weSolezwe ngeSonto, uthi isiteshi sinqume ukumdedela ngenxa yezimfuno zakhe ebezishiya abaphathi bezimuka amakhanda.
“Indaba iqale ngenkathi enqaba ukuya eThekwini, ngemoto eyayihamba ithimba abezosebenza nalo ngoba ethi ngeke akwazi ukuchitha amahora amahlanu esemgwaqweni. Washaya phansi ngonyawo uYaya, watshela abaphathi besiteshi ukuthi ufuna ukugibela indiza,” kusho umthombo.
Uqhuba athi, okunye okunenge abeMoja Love ukungayingeni eyokusebenza nethimba eliphaqula ubuso ngoba ephendlela umngani wakhe, isikhala somsebenzi.
Ethintwa uYaya, uthe akanalwazi ngodaba futhi akakaze axhumane nabeMoja Love.
“NgiseKapa njengoba ngikhuluma nawe futhi angazi ngempela ukuthi ukhuluma ngani. Alukho uhlelo ebengizolwenza neMoja Love,” kusho yena kafushane.
Kubikwa ukuthi uYaya ubezolekelela abantu abathandana nobulili obufanayo, ekutheni baphumele obala ngempilo yabo.
UNonzwakazi Cekete weMoja Love, ukuqinisekisile ukumiswa kwenkontileka kaYaya ngenkathi ethintwa yintatheli yephephandaba.
“Sibone singekho isidingo sokuthi siqhubeke nokusebenzisana noYaya ngenxa yezimfuno zakhe ebezingaphezulu kwamandla ethu. Ziyenzeka izinkinga ezifana nalezi emkhakheni wezokungcebeleka. Kuphakathi kokuthi uyanqoba noma uyanqotshwa bese uqhubeka nempilo,” kubeka uNonzwakazi.