USASHAYA amakhala umndeni wephoyisa ebelisebenzela esiteshini esisePort Shepstone, okuthiwa lishone emva kokudutshulwa ngephutha wuzakwabo besemsebenzini beyoxazulula impi yezithandani eBhobhoyi ngesonto eledlule.
Enkonzweni yomngcwabo kaSeargent Owen Sibusiso Yeni (45), obesophikweni iPublic Order Policing ePort Shepstone, ebiseGobheni Primary eMthawalume ngeSonto, umndeni uthe kuningi okusabadida ngokudutshulwa kwakhe. UYeni kuthiwa ufe ngesandla sikazakwabo oyiphoyisa lesifazane okukholakala ukuthi udubule waqondisa ngalapho bekungakhona umufi nabanye ozakwabo ezitshela ukuthi bayahlaselwa emva kokuqhuma kokusabhomu lesandla.
Umfowabo kamufi, uMnuz Mdu Yeni, ekhuluma kule nkonzo uthe umsolwa ufikile ukuzozendlala emndenini kodwa kwangaba kuhle kwazise into yokufa komfowabo abakayemukeli ngakho kufane nokuthi ubathunuka amanxeba asabhibha.
“Kubuhlungu kakhulu ukuthi ubulawe nguzakwabo. Siyile endaweni yesigameko ukuyoqhuba usiko. Ngeso lami lokungawazi umthetho, laphaya akubonisi ukuthi kukhona umuntu owayengakwazi ukubona omunye. Izindlu ziphezulu okusho ukuthi umuntu owenza umonakalo wayembona kahle. Babegqoke umfaniswano wamaphoyisa besemsebenzini,” usho kanje. Uthe omunye umbuzo abanawo ukuthi noma kwakuthiwa kwaba nento eqhumayo, kungani iphoyisa eliwufundele umthetho wesibhamu nomsebenzi walo ladubula sakuhlwayela, lingaboni ukuthi lidubula bani.
UYeni uthe bafisa kusheshiswe uphenyo ukuze umndeni uthole izimpendulo, ukwazi ukuphola.
Uveze ukuthi ngokuthola kwabo umsolwa umnkantshubomvu ekuphatheni nasekusetshenzisweni kwesibhamu njengoba kuthiwa usekhaleni lokuqeqeshwa kwamanye amaphoyisa ngokudubula.
Uphiko oluphenya ngokuziphatha kwamaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate, liqinisekise ukuthi lolu daba luyaluphenya.
UYeni kuthiwa ubeseneminyaka ewu-20 esemaphoyiseni. Udubuleka nje kuthiwa amaphoyisa ayethole umbiko owawuwabizela esigamekweni okuvela ukuthi kwakunozenza ibhoklolo eshaya kabuhlungu intombi yakhe eyivalele endlini emqashweni khona eBhobhoyi. Kuthiwa abekomiti elibhekelele ukulwa nobugebengu endaweni babizwa bafika kodwa lo wesilisa owayengaphakathi nentombi wasonga ngokuthi akangene ngaphakathi ozizwayo, okwaphoqa ukuthi bajokole, okuyilapho kwabizwa khona amaphoyisa. Kulesi sigameko kwadubuleka nelinye iphoyisa elangeniswa esibhedlela liphuke ingalo. Ngokuthola kweSolezwe, endaweni yesigameko kwatholakala amagobondo ezinhlamvu zesibhamu esikhulu i-R5 awu-12. Kuthiwa ayeyisishiyagalombili amaphoyisa ayephuthume kule ndawo, okukhona kuwo amabili ophiko lwezinja.