UMCULI kamaskandi oqokwe emunxeni weBest Maskandi emcimbini amaSATMA, nosanda kukhipha i-albhamu entsha ngoLwesihlanu olwedlule, uMphiliseni Gumede, odume ngelikaSminofu uthi ziyamkhathaza izimpi eziqhubeka endimeni kamaskandi.
Le nsizwa yaKwaHlabisa, esigodini saseMadunjini i-albhamu yayo ethi Rush Hour, isinconywe kakhulu abalandeli bakamaskandi yize ingakaqedi nesikhathi eside iphumile.
Ekhuluma neSolezwe uSminofu uveze ukuthi, ubenovalo kusondela izinsuku zokuphuma kwe-albhamu yakhe njengoba isikhathi esiningi esichithe emicimbini abeqashwa kuyo.
“Uma ungaya kuzona zonke izitolo ezidayisa umculo manje ngisho kuYouTube ungabona ukuthi le albhamu yenza kahle kanjani. Okungijabulisayo ukuthi yize umsebenzi ubumningi kodwa mina nethimba lami lonke sikwazile ukukhipha umculo abantu abawuthakasele. Ezinkundleni zokuxhumana nakhona ngibonile abantu bekhuluma ngayo nokuyinto engenze ngakhululeka ngabona ukuthi izinga angilehlisanga kunalokho abalandeli bami nabathandi bomculo kamaskandi bathole lokhu abebekulindele kimi,” kusho uSminofu.
Uthe ezingomeni zakhe usabalalisa umqondo ukuze aqhamuke nazo kwesinye isikhathi izinto esizibona nsuku zonke yizona engizisebenzisayo njengeciko.
“Isihloko sale albhamu sithi Rush Hour, yigama leli esilisebenzisa nsuku zonke, ngikhethe lona kodwa izingoma ngizibhale ngisebenzisa izinto ezihlukene esihlala sizibona nesiphila ngazo. Ayikho ingoma engingathi iyona ehamba phambili kunezinye zonke angingabazi ukuthi zimnandi futhi bazozijabulela,” kuchaza yena.
Kumaskandi uSminofu uthe angajabula ukubona obhuti abadala kunaye nasebenesikhathi kulo mkhakha bebuyisana bayeke ukuklwebhana.
Uthe izimpi zikamaskandi kumele ngabe zingomculo kuphela bese amajaji kuba abalandeli, hhayi kube izimpi zangempela ezigcina zenza abantu bezondana.
Okunye okumjabulisile muva nje ukuhlabana ngendondo yeBest Male Celebrity, emcimbini amaBehind the Scene Awards abengempelasonto.
Uthe uyacela abathandi bakamaskandi bamvotele ngokuthumela iSMS ethi 095SATMA19 ku32436 njengoba eqokwe emcimbini amaSATMA azoba ngoNovemba 30, eThekwini.