IMBONGI yaseThekwini enqobe umklomelo we-2022 South African Poetry Slam kwiPoetry Africa Festival, uKwanele Nyembe, ithe leli zwe ligabe ngezimbongi ezihamba phambili emhlabeni.
UKwanele uhlule uPatience Labane, Lethu Nkwanyana, Jonathan Lefenya, Olive Olusegun noKhayalethu Mgozulo abebanga nabo ukuthi wubani ozomela iNingizimu Afrika kumaWorld Championships eBrazil ngonyaka ozayo.
Ngokumela izwe, uKwanele, uzozama ukulandela kuXabiso Vili odle umhlanganiso nyakenye njengoba ethathe isicoco somhlaba ngesikhathi emele izwe eBrussels.
“INingizimu Afrika inezimbongi ezihamba phambili emhlabeni futhi ngiyabonga kwiPoetry Africa ngokugcizelela lokhu. Ngikubheke ngabomvu ukubuyisa isicoco eBrazil ngonyaka ozayo,” kusho uKwanele.
UKwanele owusonkondlo, umlingisi nomdansi, uneziqu zeBachelor of Arts ezifundweni zeDrama, Performance, Media and Cultural azithola eNyuvesi yaKwaZulu-Natal. Njengamanje uqhuba izifundo zeHonours kusona lesi sikhungo.
U-Ismail Mahomed weCentre for Creative Arts, ehlela umcimbi, uthe ube yimpumelelo kakhulu futhi uhlanganise izimbongi zomhlaba wonke ukuzobungazana nokuzocobelelana ngobuciko.