LIZOGADLA ngabaculi baKwaZulu-Natal, ikhwaya laseSoweto, iThe Soweto Central Chorus njengoba lenza umcimbi wokujabulisa abalandeli balo, iSoweto Central Chorus and Friends.
Umcimbi uzoba ngoLwesihlanu ebandleni iRhema Bible Church, eRandburg.
UManzini Zungu ongumqondisi waleli khwaya, uveze ukuthi njengoba kade bematasa benza umculo omusha bakulindele ukuthi bajabulise abalandeli babo ngawo ngokubambisana nabaculi ababamemile.
Ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi enye inhloso yabo ngedili lomculo wukukhombisa ukukhula kweqembu njengoba selithatha elinye igxathu emculweni.
“Manje sesikhethe ukuthi sikhuze ibuya emculweni siyiqembu. Sipheke izingoma ezihlukene esifuna ukujabulisa ngazo abantu abazohambela umcimbi. Esingakusho nje wukuthi abazoba yingxenye yawo bazoba nobusuku abangeke babukhohlwe njengoba sizodumisa uNkulunkulu, simbonge ngakho konke asenzele khona kulo nyaka futhi sixhumane nabalandeli bethu, abazobe beqhamuka kulona lonke leli,” kusho uManzini.
Uthe okuhle ngaleli khwaya eselineminyaka, wukuthi linabantu asebekhulile nentsha nabasabalalisa iZwi likaNkulunkulu ngomculo.
Kubaculi athe bazoba khona, kubalwa iLadysmith Black Mambazo, Khaya Mthethwa, Azania, Manu Worldstar noKekelingo.
Uhlelo lwalo mcimbi uveze ukuthi luzobe luphethwe nguTbo Touch, Thami Ngubeni noRorisang Thandekiso.
Uveze ukuthi amathikithi omcimbi aseyatholakala eWebticket nasePick n Pay ngo-R300.