UKHUZA ibuya ngonyaka ozayo umcimbi iGcwalisa SrpingPicnic: All White obuhlelwe wumaskanda uKhuzani Mpungose.
Lo mcimbi obuseKings Park,eThekwini, ngoMgqibelo, ube yingqophamlando njengoba ububophele amaciko aculo izinhlobo ezahlukene zomculo yize ubuhlelwe ngumculi kamaskandi. Iningi labantu abebewuzimazisile liziphihle ngombala wosuku omhlophe lijabulele ama-piano, hip hop, maskandi, gqom’ nomculo wokholo.
Amaciko abeyingxenye yomcimbi ahlabeke umxhwele kanti abelokhu eshilo ukuthi ayabathanda abebewuhambele abebekhombisa ukwazi zonke izinhlobo zomculo njengoba bebengakhethi becula kanye kanye nanoma yimuphi umculi osesteji. Amaciko okukhona kuwo uDJTira, Boohle, Izingane Zoma, Jumbo, AKA namanye abongele uKhuzani ngokuhlela umcimbi walolu hlobo, njengoba ethe uhlukile futhi ubuhlelwe ngendlela enobuhlakani.
Kucace zisuka ukuthi umcimbi uzoba nesasasa njengoba ngo-12 emini obuzoqala ngawo abantu besebethelekile sebeqalile ukungena ngaphakathi.
UDumi Mkokstad uvule inkundla, emuva kwakhe kube sekunandisa abaculi abehlukene bakamaskandi. Ngemuva kwalawa maciko kubesekungena uBig Zulu ovulele inkundla amaciko acula ezinye izinhlobo zomculo, walandelwa uDjTira. UTira wethule ingoma yakhe entsha athe uzojabulisa ngayoabantu ngoDisemba.
UJumbo olandele uTira uvele waphendula lo mcimbi imvuselelo ngamanoni ehlekene okholo, abantu bajuluka bamanzi becula kanye naye. Ubebuye acule amanoni ezinye izinhlobo zomculo okubalwa ne-reggae.
Abaningi bafanise uJumbo nomculi wowokholo ongasekho uSfiso Ncwane ngokukwazi ukunyakazisa izinhlwele ngomculo wokholo. Inkosi YamaGcokama nayo ibe ngomunye wabaculi abanconywe ngezingoma zakhe iningi lazo eziculwa kwiTik Tok.
Imidanso kaKamo Mphela idonse amehlo abaningi. Ngenxa yokuhamba kwesikhathi amanye amaciko abesephoqeleka ukuthi angene asheshe aphume esiteji. IGcokama Elisha liphume abantu bengalindele ukuthi seliqedile ukubajabulisa.
USjava, Cassper Nyovest noKhuzani kube ngamaciko okugcina ukuvala umcimbi. UKhuzani ubonge wonke umuntu obekhona nawo wonke amaciko.
Uqinisekisile ukuthi lo mcimbi nakanjani ngonyaka ozayo uyabuya. Kubaphathi bohlelo kubalwa, uLerato Kganyago, Somizi, Zimdollar, Bheka Mchunu nabanye.
Isolezwe belingabaxhasi bomcimbi.