ABAHLELI bomcimbi wokuvula unyaka owawuba ngoJanuwari 1 ebhishi eliseMgababa, iMgababa New Year’s Picnic, bathi sebakulungisa ukungaboni ngaso linye kwabo yingakho bewubuyisa.
Le ndumezulu yomcimbi yagcina ukusingathwa ebhishi ngo-2017 lapho eyayigubha khona iminyaka engu-10. Ngemuva kwalokho ayiphindanga yenziwa khona, abahleli bethi kungenxa yokwakhiwa kweswimming pool lapho umcimbi owawuba khona.
Kwabuye kwavela nokungazwani phakathi kukasomabhizinisi, uTate Mchunu, nabambisene naye ekuhleleni lo mcimbi, uT’zozo Zulu, ababenenkampani iTZZ Productions.
Leli phephandaba labika ngengxabano yabo eyaze yaholela ekutheni bafakane enkantolo kubangwa umcimbi owawenziwa yiTZZ okuthiwa uT’zozo wawuthatha wazenzela yedwa.
UTate uthe uma kusetshenzwa kuba khona ukungqubuzana kodwa okungasho ukuthi umsebenzi kumele ume.
“Sibuyile noT’zozo futhi umcimbi uzoba khona. Ukwakhiwa kweswimming pool kuphelile, yilapho esasenzela khona umcimbi ngqo. Isikhala sinciphile kancane kodwa kuzosebenzeka,” kusho uTate.
Uthe abantu bazongena mahhala njengakuqala kube yizicukuthwane kuphela ezikhokhayo.
Uveze ukuthi ngoDisemba 16 ezinkundleni zemidlalo, eMnini, banomcimbi wokuqwashisa ngobugebengu kusetshenziswa ezemidlalo.
“Lo mcimbi siwusebenzisa nangokunika amaciko ithuba lokunandisa ngoba ngeke siwafake wonke kwipicnic.”
UT’zozo uthe ukungazwani kwabo kwakumayelana nomunye umcimbi, hhayi iMgababa New Year’s Picnic.
“Sayikhuluma leyo nto yadlula. UTate ngumfowethu, umkhaya wami futhi umngani wami,” kusho uT’zozo.
Uthe ukukhala kwabantu abebethi imcimbi awubuye, bakuzwile.
“Sifuna nezivakashi zihambele eMgababa. Siqhubeka lapho esagcina khona. Uhla lwabaculi neminye imininingwane sizoyiveza maduze,” kusho uT’zozo.