IKHUZA ibuya iJoyous Celebration ngemuva kokunyamalala. Omunye wabasunguli baleli qembu eselibe sendimeni yezomculo isikhathi eside, ukuqinisekile kwiSolezwe Online ukuthi sebebuyile futhi bazobe benandisa eGoli kule mpelasonto.
ULindelani Mkhize uthe uyazi ukuthi bese bebabulele abantu ngendlala yokudla komphefumulo kodwa manje sebebuyile. “NgoMgqibelo sizobe sise-Emperors Palace. Abantu mabaphuthume bayothenga amathikithi ngoba ahamba kakhulu,” kusho uLindelani ozakhele udumo ngokubhidisa uma kunandisa iJoyous.
Uthe bathe ukushintsha kancane endleleni abenza ngayo izinto. “Sivamise ukuqala eThekwini sibe sesiza eGoli, sigcine kwezinye izindawo kodwa kulokhu sizoqala eGoli. Sike safika eThekwini ngamaholidi ePhasika,”kulandisa uLindelani.
Uthe Joyous yamanje ngeka-27. Ingqikithi yayo ithi: Hope & Victory. Iningi labantu abahambela iJoyous Celebration baqale bathenge i-albhamu bayilalele. Lokhu kwenza bayithokozele kakhulu ngoba nabo bayacula uma iqembu selinandisa.