IMPILO yashintsha baphoqeleka ukuhlaba ikhefu emsebenzini osaziwayo uMnqobi Shoba nomkakhe uPhumeza Shoba (Mdabe) ngemuva kokuhlaselwa wukugula kwendodana yabo uMpilo, isanda kuzalwa ngo-2013.
UMpilo waphathwa wumdlavuza wamehlo owaphoqa ukuthi akhishwe womabili.
Lokho sekuwumlando njengoba uShoba (owayaziwa ngoShota, okuyisithakazelo sakwaMdabe, ngaphambi kokushintsha isibongo babibize esikanina nomkakhe nezingane) ethe impilo isiqhubeka ngokujwayelekile futhi uMpilo usenguDJ.
UMPILO (10) uzibiza ngoDJ Influence futhi ujwayele ukubonakala kuTikTok kaPhumeza edlala bukhoma.
“Njengoba ngiqala kabusha ngishintshe negama nje, ngimatasa ngilungiselela uhambo lwami lokuya phesheya lapho ngiyodlala khona. Njalo uma ngizilungiselela uMpilo ubeba khona ngithi ngiyafika ekuseni usethintathinta imishini yami. Ngazibuza ukuthi kanjani ngoba le ntwana ayiboni kodwa wathi uNathi (Black Coffee) angimfundise akwazi ukudlala,” kusho uShoba.
Uthe umthathele i-sellotape wamfakela yona ukuze ezokwazi ukuzwa ukuthi yinkinobho yokwenzani ayithintayo.
“Le nto yakhe iqale sakudlala kodwa uNkulunkulu wayithatha wayibeka kwelinye izinga. Sithe simqopha edlala bukhoma kwavele kwangena abantu abangaphezu kuka-100 000 bembuka. Yizinombolo esizifisayo nathi lezo. Sesimthengele nemishini yakhe ukuze angaphazamiseki uma sengithatha eyami,” kuchaza uShoba.
Uqhube wathi ubonga nakozakwabo iMajor League DJs, Oskido, Black Coffee abamnika umculo awudlalayo.
“Angikuthathi kancane akwenzayo ngoba ubusisekile. Akaboni, wakhishwa nemithambo emehlweni kodwa uyakwazi ukuzenzela izinto. Okuhle wukuthi umculo awumphazamisi nasesikoleni ngoba ufunda esikoleni sabakhubazekile. Kuphaswa ngokuthi yini asebekwazi ukuyenza, bayakwazi yini ukufunda ngezandla nokunye.”
Uqhube wathi yize bengakazi ukuthi ubheke kuphi nokuba wuDJ kodwa bazomeseka ngayo yonke indlela. Uthe ngeke adlale ezindaweni zobumnandi kodwa uzoya emaphathini ezingane anandise khona.
“Akukhona ukuthi sifuna ukwenza ngaye imali yingakho sikuyekela kuye ukuthi ufuna ukwenzani ngoba angakhula athi akasafuni. Sizobe sesifuna ukumphoqa thina ngoba sibona ukuthi sizolahlekelwa yimali. Angazi nokuthi ngingathi ubiza malini uma eqashwa manje. Akuzenzakalele azikhulele kodwa okubalulekile angaseqi isigaba sokuba yingane. Kodwa sengathi yena uzoba yisilomo. Into uyakwazi ukuyinuka kodwa konke kuyicebo likaNkulunkulu.”
Weluleke abazali ngokuthi bazeseke izingane zabo ezintweni ezizifisayo bangaziphoqi ukwenza okuthandwa yibo.
Uveze ukuthi yena usebuyele ngokugcwele emculweni futhi kusuka ngenyanga ezayo uzoba nomjikelezo wezinyanga eziyisithupha lapho ezonandisa khona emazweni ahlukene.
Uthe phambilini ubesebenza noBlack Coffee njengemenenja yakhe ngenhloso yokwakha ubudlelwano nabantu abahlukene nokuyingakho manje esezojikeleza njengomculi.