ILUNGU leqembu iLadysmith Black Mambazo, uSibongiseni Shabalala, lithi ukuphakanyiswa kwefilimu ekhuluma ngoyise ukuthi iqokwe kuma-Oscars Awards, kugqugquzela abantu bakuleli zwekazi ukuthi baxoxe ngezindaba zabo.
Ifilimu ethi Music is My Life – Joseph Shabalala and Ladysmith Black Mambazo, ithunyelwe yiNational Film and Video Foundation njengomngenelo wakuleli emunxeni we-International Feature Film kuma-Oscars.
Umcimbi wezindondo zama-Oscars, okuzoba ngaka-96 ekhona, azosingathwa ngoMashi 10, 2024, eDolby Theatre, eHollywood.
USibongiseni, oyindodana yomsunguli weMambazo ongasekho uJoseph Shabalala, uthe yizindaba ezehla kamnandi kubo ukuthi ifilimu iphakanyiselwe ukuthi iqokwe.
“Kuyasijabulisa ngoba kuqhuba iphupho likababa lokuthi iNingizimu Afrika imelwe kahle ngomculo wesintu futhi nawo ugqame. Iphupho liya ngokufezeka ngoba iqembu liwine kumaGrammy nakhu manje ifilimu ekhuluma ngomlando wakhe neMambazo, inethuba lokuthi iqokwe. Siyathemba ukuthi izofike iphumelele,” kusho uSibongiseni.
Uqhube wathi abantu base-Afrika, kumele baziqhenye ngobubona futhi bangasabi ukuxoxa ngezindaba zabo.
“Zinesifundo, nenkuthazo ebantwaneni abasakhula futhi abafisa ukuphumelela kunoma yini abayenzayo. Kunezifundo empilweni yethu njengokuthi ukuzimisela, ukusebenza kanzima nokuyithanda into oyenzayo futhi ungavumi ukuthi kube khona okukuphazamisa endleleni yakho lokufeza iphupho lakho noma ngabe ufuna ukuba udokotela noma uthisha,” kusho yena.
Uthe njengamanje beyiqembu balungiselela ukuyonandisa eKapa ngoNovemba 17 no-18, njengoba benomjikelezo iLadysmith Black Mambazo Legacy Tour, eKapa. Baqale ngoMeyi, eGoli kwathi ngenyanga edlule badlulela eThekwini kanti izosongwa ngoDisemba, ePitoli.
“Siyaqhubeka neBlack Mambazo Mobile Academy lapho esahambela khona iNingizimu Afrika yonke, sikhuthaza abantwana ukuthi bazazi ukuthi bangobani, bazithande futhi bakhuthazeke ngempilo yabo. Sifundise ngomculo wesintu ukuthi bawucule ngendlela oyiyo futhi bangazami ukufana nabanye. Ungathatha isibonelo kwiMambazo kodwa ungafuni ukufana nayo. Amaqembu esiwathola lapho siwanika ithuba lokuzibonakalisa kulo mjikelezo esiwenzayo. Sisanda kukhipha ne-albhamu entsha iJoy, Peace and Happiness. Kuzothi ngonyaka ozayo bese siba nomjikelezo ozoya e-United States of America,” kuphetha uSibongiseni.