OWAYENGUMENGAMELI wezwe, uMnuz Jacob Zuma ushiye abantu bedidekile ngenkulumo ayethule ngesikhathi kugujwa iminyaka engu-30 kwasungulwa isikhungo esiqeqesha amaciko iKCap, KwaMashu.
Umcimbi wokugubha ubuseRadisson Blue Hotel, eMhlanga.
Ethula inkululumo uZuma, obengesinye isimenywa esibalulekile kuwona, uqale ngokuxolisa ngokufika emva kwesikhathi, wathi akungoba esuka emahlathini eNkandla, kodwa ubekhona lapha eThekwini.
“Into eyenze ngafika sekwedlule isikhathi kungenxa yokuthi kunamadoda ase-Afrika, abengivakashele sizoxoxa ngokufukula umnotho wabantu abamnyama. Bengingeke ngibashiye kanjalo bebe beze kumina. Simatasa sihlanganisa amaqhinga okuthi kuthuthuke abantu abamnyama. Inkinga ukuthi sasilwela ukuthi kuthuthuke abantu abamnyama kuphele nendlala. Manje ngiyamangala njalo uma ngihlangana nabantu basalokhu bekhale ngendlala. Ngibonile ukuthi cha kusho ukuthi indlala inenkani ngase ngihlangana namanye amadoda ngemizamo yokuyixosha. Okwamanje angizokudalula ukuthi yimaphi amaqhinga esiphezu kwawo kodwa ngizonitshela uma sekumele ngiyixoxe le ndaba. Kuzokwenzeka-ke ukuthi kube khona abantu abayijabulelayo le ndaba abanye ngeke bayijabulele ngenxa yokuthi abantu abafani kanti nezindaba azifani. Kodwa engingakusho ukuthi kuzogingqika indoda,” kusho uZuma.
Phakathi kwezicukuthwane ebezisemcimbini kubalwa noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube. Kuvele ukuthi uZuma waba neqhaza elikhulu ekutheni kusungulwe iKCap.
U-Edmund Mhlongo owasungula iKCap, udalule ukuthi nguZuma owayegcine imali yokuthi kubunjwe isikhungo kanti yayiqhamuka e-Europe.
“Ngesikhathi siqala isikhungo abase-Europe, bathi i-account enginayo incane kakhulu ukuthi ingakwazi ukwamukela le mali. Ngacela iPRF Foundation, uSihlalo wayo okwakunguMsholozi (Jacob Zuma) ukuthi isigcinele yona. Wayigcina ngokuthembeka leyo mali akadlanga ngisho isenti. Yingakho namhlanje sizobika kuyena uMsholozi ngohambo esesiluhambile ngalesi sisikhungo,” kuchaza uMhlongo.
Uthe kumanje sebeqeqeshe amaciko angaphezu kuka-750, asebenza emidlalweni emikhulu yethelevishini ekhona manje nesiyaphela.
Kuphinde kwakhishwa izindondo kubongwa iminyango kahulumeni nezinhlaka ezizimele ngokuba neqhaza ekutheni isikhungo sithuthuke. Emcimbini kudalulwe izinhlelo zokuthuthukisa isikhungo okugqame ukuthi sizoba sihle kakhulu uma sesakhiwe kabusha ngokubuka imidwebo yaso. Sizophinde sikwazi nokumumatha umthambo omkhulu wabantu abazosihambela.
Imenenja yesikhungo uThobile Ximba, ibike kuthi kuqashwe abantu abangu-20 abahola ngeminikelo etholwa yisikhungo ngoba siphila ngayo.
Kunandise amaciko ehlukene okubalwa kuwona iThee Legacy, Zawadi Yamungu ne-Afrosoul. Uhlelo beluphethwe nguSma Mathibeli noSoweto Madlanzi owabhala incwadi iDear Jacob, ekhuluma ngoZuma.