INHLANGANO iSoul & Jazz Foundation iza nendumezulu yomculo opholile nowe-jazz eMargate, ePort Shepstone ngeSonto.
ISoul meet Jazz Experience ibophele izintandokazi zabaculi be-jazz ezihlonishwayo emhlabeni. Kubaculi ababoshelwe kukhona uMcCoy Mrubata, Andile Yenana, M.X.O, Sgede, Tender Mavundla, Msheddys, TK, DJ Ken, DJ Dondos, Slwane nabanye. Umphathi wohlelo kulo mcimbi kuzoba wuMagaye.
Umhleli walo mcimbi, uThabani Mzindle, uthe bazimisele ngokushukumisa iSouth Coast ngalo mcimbi obophele izintandokazi nesezimnkantshubomvu kwi-jazz.
“Umcimbi uzoba seLeading Guest Farm e-Extension 7. Ubophele izingwazi ezihlonishwayo. Sinxusa bonke abathandi bomculo we-jazz ne-soul ukuthi baphelele kulo mcimbi. Kuzoba ngomunye wemicimbi emikhulu nesezingeni,” kusho uThabani.
UMcCoy Mrubatha ungomunye wabafuthi bezimfijoli abahlonishwayo emculweni we-jazz. Unenqwaba yemiklomelo yezindondo aseyiwinile nahlonishwa ngayo yeLifetime Achievements kumaSouth African Music Awards. Usebenze kakhulu noWinston Mankunku Ngozi nabanye.
U-Andile Yenana ungomunye wophrojusa, uComposer nothisha womculo ohlonishwayo.
UM.X.O odabuka ePort Elizabeth ungomunye wabahlonishwayo emculweni we-jazz futhi unezindondo zamaSama asake wahlabana kuzona.
Lo mcimbi uzoqhubeka ngaphansi kwesiqubulo esithi “Phinda Mzala.”