KUZA indumezulu yekhonsathi iThe Live One Man Concert okuzobe kuqopha bukhoma kuyona uStanky Deejay weKweyama Brothers.
Kulo mcimbi oza ngoMashi 30, e-Exhibition Centre, eThekwini, uzobe uholwa nguStanky njengoDJ. Ubophele izintandokazi zabaculi noDJ okukhona kubona oKabza de Small, Young Stunna, Benny Maverick, Zee Nxumalo, DJ Tira nabanye.
Kuwona uStanky uzophinde ethule nePodcast yakhe iPianocast! evele isikhona negxile kubaculi noDJ bomculo wamaPiano.
Ezikhulumela uStanky uthe: “Ngesikhathi i-One Man Concert Productions nami siba nomhlangano okokuqala ngomqondo wokuthi kube nale khonsathi, kwakungathi wumdlalo. Ezinye izizathu ezazenza lokho ukuthi bengicabanga nokuthi iPianocast isikhule ngokwanele, njengoba kuyikhona sizoyethula manje kule likhonsathi.
“Le khonsathi akuyona eyokugubha ukwethulwa kwePodcast nje kuphela kodwa igubha nomsebenzi owenziwa ngophrojusa bomculo abasafufusa.
“Amaciko akhipha izingoma ezisematheni kodwa angagqamile emphakathini kodwa asazovelela. Ukugubha umculo nomsebenzi wophrojusa wukufezekisa amaphupho amaciko asafufusa,” usho kanje.
UStanky Deejay uzovala le likhonsathi ngokudlala amahora amabili ededela amanoni akhe amadala, asematheni muva nje nezingoma aseziqophile kodwa ezingakaziwa.
Njengoba kuzobe kwethulwa nePodcast kule likhonsathi, kuningi okuzodlala bukhoma kulona. Kuzoba wumcimbi wasebusuku nothembisa ukuletha injabulo yodwa eThekwini.
Amathikithi ayo atholakala eWebtickets.