OSAZIWAYO nabathandi bamafilimu namuhla bahlanganyele enxanxatheleni yezitolo iCornubia, eseMount Edgecombe, eThekwini, lapho kwethulwa khona ifilimu, The Honeymoon.
Ifilimu ikhuluma ngokubaluleka kobungani, kubonakala abangani ababili uLu (olingiswa nguMinnie Dlamini) noNoks (olingiswa nguTumi Morake) beseka umngani wabo uKat (odlalwa nguKajal Bagwandeen) olaxazwe yisoka ngaphambi komshado wabo.
Konke okomshado sekuhleliwe neholidi elithathwa ngabashadikazi ngemuva komshado selikhokhelwe kodwa kwabhuntsha ngoba umkhwenyana eshaya ungqimphothwe.
ULu noNoks bathatha isinqumo sokujoyina umngani wabo kwi-honeymoon nokuyisenzo esibonakala sizoqinisa ubudlelwano babo kodwa ngokuhamba kwesikhathi kugqama uqhekeko phakathi kwabo.
Ithimba elisebenze kule filimu liphawule kanje ngezifundo abazifundile:
UBianca Isaac ongumbhali nomqondisi uthe: “I-The Honeymoon imayelana nobungani nokuzazi ukuthi ungubani.”
UGregory Mthanji onguphrojusa uthe: “I-The Honeymoon ayinahlazo, iveza amaqiniso futhi imnandi.”
UKajal Bagwandeen uthe: “Impilo imatasa futhi inzima kodwa abangani beqiniso bakuthanda njengoba unjalo.”
UTumi Morake uthe: “Bazise ubungani bakho - nezici ezikhona.”
UMinnie Dlamini uthe: “Ukuba nesibindi sokuphila iqiniso lakho nokuyinto eqhakanjiswa negqugquzelwa ngobungani.”
Le filimu izoqala ukudlala emacinema ezweni ngoMashi 31, 2023.