USOMABHIZINISI oke waba sematheni emva kokungaboni ngaso linye ne-SABC kubangwa i-SABC Summer Song, uthi akukho siteshi somsakazo ongaphansi kwale nhlangano esizophazamiseka ngengoma yokuhlukanisa unyaka njengoba esebuye nalo mncintiswano kulo nyaka.
Kulezi zinsuku u-Owen Ndlovu weMichael Owen Productions, unomkhankaso we-SABC Summer Song aseqale izinhlelo zawo zokumenyezelwa kwengoma evelele kuwona nonyaka.
Kulokhu u-Owen ubuye nalo mqhudelwano ngenye indlela njengoba enxenxa abantu nabezindaba ukuthi bakhethe ingoma evelele eminyakeni ewu-30 edlule ezovotelwa bese ihamba nesamba sika-R1million nemoto.
“Ngiyazi abantu bayadideka ukuthi kwenzekani njengoba bebazi ukuthi kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwami ne-SABC kubangwa i-SABC Summer Song kodwa manje yinto esiphelile leyo. Ngithanda ukubonga kakhulu isikhulu esiphezulu se-SABC, uNomsa Chabeli ukungenelela ukuthi kuxazululwe ukungaboni ngaso linye phakathi kwenkampani yami ne-SABC. Umhlangano esibe nawo naye ngoJuni kulo nyaka, iwona ohlahle indlela waphinda waqinisekisa ukusebenzisana kwethu.
“Njengamanje zonke iziteshi zomsakazo zizoqhubeka nomncintiswano wazo wengoma ehlukanisa unyaka ngaphandle kokuba nenkinga. Nathi sinohlelo lwe-SABC Summer Song oluqhubekayo kulo nyaka engeke luphazamisane nezinhlelo zemisakazo oluzowinisa ingoma ezovotelwa kakhulu kwezingu-30 ezizokhethwa abantu,” kusho u-Owen.
Uthe ukusebenzisana kwabo ne-SABC, kube yisivumelwano esiphakathi kwakhe nayo emva komhlangano obe khona phakathi kwakhe noNomsa Chabeli.
Phambilini, i-SABC ike yamvala u-Owen ukusebenzisa i-logo ye-SABC ezintweni zakhe ithi akavumelekile ngoba eyenkampani yabo futhi ibhalisiwe kwi-Companies And Intellectual Property Commission (CIPC). U-Owen ufake lolu daba kwi-Competitions Commission kwagcina kuvele isitifiketi ebesiphuma kwi-CIPC yaveza ukuthi iMichael Owen Ndlovu ne-SABC babhalisa ngokubambisana ukuthi bazosebenzisa i-logo ngokubambisana kuze kuphele iminyaka eyishumi, kusuka ngo-2018. Njengamanje asikakaphelelwa yisikhathi leso sivumelwano njengoba leli phephandaba linayo ikhophi yaso.
Yingakho u-Owen esekwazi ukusebenzisa i-logo yeSABC njengoba eyifaka nasezinkundleni zokuxhumana ngaphandle kokuba nenkinga. U-Owen uthe ngeke ethi esebenzisana kahle nezikhulu ze-SABC bese kuba khona izinhlelo zayo aziphazamisayo njengoba konke kuhamba kahle phakathi kwabo.
Echaza nge-SABC Summer Song, uthe bazoqala njengoba kuqala uNovemba ukuqoqa zonke izingoma ezithunyelwa abantu ukuthi bakhethe kuzona bese kuhlungwa ezingu-30 ezizovotelwa.
“Njengoba iNingizimu Afrika igubha iminyaka ewu-30 ingaphansi kohulumeni wentando yeningi, nathi sigubha le minyaka ngokubambisana ne-SABC. Yingakho sifuna izingoma ewu-30 okuzokhethwa kuzona. Sinxusa umphakathi uthumele izingoma zawo ekhasini lethu kwi-Facebook. Nabemithombo yabezindaba bangathumela uhlu lwabo lwezingoma abathi zihlabahlosile eminyakeni ewu-30 edlule. Ekupheleni kukaNovemba sizoqoqa zonke izingoma bese siyazimemezela, bese kuyaqala ukuvotelwa kwazo ngoDisemba 1. Ezowina izohamba nesamba sika-R1 million kanti ezinye ebincintisana zizothola imithobanhliziyo esisazoyimemezela,” usho kanje.