UZOTHUTHA eBallito lapho obusingathwa khona umcimbi wokuvala unyaka iLast Dance Music Festival.
Lo mcimbi waminyaka yonke ngoDisemba 31, uqale waba seRichards Bay iminyaka ngaphambi kokuthuthela eBallito.
Umhleli wawo uSipho Ndaba, uthe kuzomele athuthe kodwa wanganda ngamazwi.
“Sizokhipha isitatimende sabezindaba ukuthi sizoya kuphi nayo yonke imininingwane,“ kusho uSipho.
Ubebuzwa yileli phephandaba ngemuva kokuthi i-SABC iveze izinhlelo zayo zikaDisemba lapho edalule khona ukuthi izowusakaza lo mcimbi.
Lapho obanjelwa khona kusanda kumenyezelwa ukuthi kuzoba nomcimbi omusha iBallito BIG Week ezoqala ngoDisemba 22 kuze kube wuJanuwari 1.
KwiBIG Week kuboshelwe abaculi okubalwa kubo iMafikizolo, Black Coffee, Ladysmith Black Mambazo, Zakes Bantwini, Sun-El Musician nabanye.
I-Last Dance ibanjelwe eRichards Bay iminyaka eyisishiyagalolunye nokuthe uma isigubha engu-10 ngo-2019 yathuthela eBallito.
Umcimbi uzakhele udumo ngokuletha izilomo zabaculi abahlukene futhi ngesikhathi kunomcimbi iSABC Summer Song ka-Owen Ndlovu, onqobile wake wamenyezelwa khona.
I-SABC ithe ngaphandle kwalo mcimbi ku-SABC 1, ezinye izinhlelo abantu abangazilindela yiKwaMaMkhize Thanksgiving eke yakhonjiswa kuBET neMusa Keys – Tsonga Michael Jackson music special.
Kwi-SABC 2 kuthiwa kuzoba namadili omculo ahlukene ngoKhisimusi nangoDisemba 31.