KUYINTO ejwayelekile ukuthi abantu abashadile noma izithandani zibe nesikhathi lapho zingaboni khona ngaso linye ngezinto eziningi eziphathelene nothando noma nezimo zempilo ezijwayelekile.
Yize kunjalo kodwa ongoti bathi kumele umuntu aqaphelisise ukuthi uhlobo lwengxabano anayo nesithandwa sakhe ikuliphi izinga. Ungoti wezengqondo noluleka ngezothando uDkt Joseph Cilona uthi yonke ingxabano ihamba ifike kwizinga elithile eliholela ekutheni abantu bathathe izinqumo ezinqala. Kanjalo nasothandweni kunezimpawu ezikuthiphisayo noma ezikuxwayisayo ukuthi isithandwa sakho sisuke sesizokushiya.
"Ukuhlala nixabana ningasakwazi nokuvumelani ngezinto ngaphandle kokumemezana kuyinkinga. Uma ningasakwazi nokubonisana kahle kungenza izinto zibenzima kakhulu kuze kuholele ekutheni nihlukanise uma besenishadile," kusho uCilona.
Ezinye zezimpawu ezikhomba ukuthi usuzohlukana nomuntu wakho:
- Ukuhlala nibanga izinto ezincane eningadlula kalula kuzo kodwa kungenzeki.Ukuxabana cishe zonke izinsuku nakho kungezinye zezimpawu zokuphela kobudlelwano bezothando.
- Ukushintsha kwendlela enihlela ngayo izinto noma enibonisana ngayo. Ukuxhumana kwenu kungabe kusafana nakuqala nobabili ningazimiseli ngokuthobelana.
- Uma seniqala ukuphila impilo ehlukile kweniyijwayele, omunye aqale umkhuba wokuzikhipha yedwa noma ahambe nabanye abantu ashiye umuntu wakhe.
- Uma kukhona iphutha noma okungahambi kahle nikhombane, angabikhona oqhamuka nesisombululo.
- Sekukhona oqala ukuzibona engcono noma ehluke kakhulu komunye ngezinto eziningi.
- Kunanoma yini ekhulunywa umuntu wakho uba nolaka ungafuni nokumlalela. Uma omunye evula umlomo usheshe ufudumale udinwe kalula.