INDODANA kaMgqumeni Khumalo Ibhova isiphumele obala ngokufuna ukuganwa yindodakazi yeNdidane.
ULusanda ozalwa yiBhova elingasekho emhlabeni uthe impela ufuna anyathele emagcekeni akubo uKhonuzogcina Gcwensa oyindodakazi kaMtshengiseni Gcwensa Indidane naye ongasekho.
Bobabili Ibhova neNdindane babaziwa ngokuba yinkukhu nempaka emculweni. Kulezi zinsuku uLusanda obizwa ngeBhova Elincane umatasa nemizamo yokuthandana noKhonuzogcina odume ngeNdodakazi yeNdidane emculweni.
Muva nje uLusanda useke wabhala ngisho nasekhasini lakhe kwiFacebook ngothando analo ngendodakazi yeNdidane athi ufuna ibe ngumkakhe. Nayo Indodakazi yeNdidane isike yabhala kwiFacebook ukuthi mhlawumbe ingamnika uLusanda ithuba uma engagunda ama-dread ekhanda futhi imnika izinsuku ezimbili ukuthi akwenze lokho. Ngempela uLusanda akapholisanga maseko wavele wawagunda ama-dread maqede washutha isithombe wasithumela eveza ukuthi usegundile njengokwesifiso seNdodakazi yeNdidane.
Kuthintwa uLusanda uvele washo ngenkulu intokozo, wathi“ Ukhuluma ngodali. Uyazi ngimthanda ngempela futhi ngimbona esengunkosikazi wami. Ngizimisele ngaye futhi angidlali. Selokhu ngiqale ngonyaka odlule ukuzibika kuyena futhi kuyathembisa. Nokugunda iRasta (ama-dread) angikwenzanga ngoba ngidlala kodwa bengikhombisa indlela engizimisele ngayo ngale ntokazi njengoba ibicelile ukuthi ngiligunde. Ngifuna ukuyithatha le ntokazi angidlali,” kusho uLusanda.
ULusanda ungumculi kamaskandi ozimele. Useke wasebenzisana noKhangelani “DSD” Mhlongo owayesebenza noyise, waphinda wasebenza noJaiva Zimnike.
Kuthintwa iNdodakazi yeNdidane, ikuqinisekisile ukuthi impela uLusanda uyazibika kuyona.
“Selokhu eqale ngonyaka odlule ukuzibika. Mina angiboni sithandana kodwa yena impela uyazibika akanginike thuba. Nasemculweni ubuye abe naso isandla angiluleke ngawo njengoba mina ngisanda kungena kuwona,” kusho iNdodakazi yeNdidane.
Uma laba baculi bebuzwa ngokuthi bazoyimisa kanjani indaba yokuthi oyise babeyinkukhu nempaka, uLusanda uthe akaboni kuyinto embi ngoba bafuna ukuhlangana ngothando nemindeni yabo ababoni ukuthi izoba nenkinga.
INdodakazi yeNdidane ithe bona beyizingane zalezi zihlabani zikamaskandi abanankinga kangangoba ujwayelene nodadewabo kaLusanda futhi ucabanga ukuthi ukungazwani koyise kwakuwumdlalo nje wasemculweni.