ANGIKUKHETHANGA ukuba sesithenjini, yisithembu esakhetha mina. Angimkhethanga umyeni wami, nguye owakhetha mina.
Ukhulume kanje uNkk Thobile MaKhumalo Mseleku engxoxweni yakhe ekhethekile nesiteshi sezindaba iBBC Africa.
UThobile ungenye yamakhosikazi amane kasomabhizinisi uMusa Mseleku wohlelo uThando Nes’thembu olukhonjiswa kuMzansi Magic.
Lolu hlelo lusanda kukhuza ibuya kuthelevishini kanti ludlala ngoLwesine ngo-8 ebusuku.
Ingxoxo kaMaKhumalo isabalale ezinkundleni zokuxhumana lapho aveze khona ukuthi enye yezinto eyamchaza ngoMseleku indlela ayethanda ngayo amakhosikazi akhe.
“Kwakungahleliwe, ngangingakaze ngikucabange futhi ngangingakufisi. Kodwa kwaqondana nokuthi indoda engazithola sengiyithanda kube yindoda yesithembu.
FUNDA:
Ngathanda isimilo sakhe nendlela yakhe yokwenza izinto. Ngathanda indlela athanda ngayo amakhosikazi akhe. Ngathanda ukuba neqiniso kwakhe” kusho uMaKhumalo.