ISIKOLE saseMawoti, eNanda, iSithabile High, siqwaqwade emakhanda izikole ebesidlana nazo imilala emqhudelwaneni wesicathamiya, i-19th High Schools Isicathamiya Music Summit ePlayhouse Opera Theatre, eThekwini, ngempelasonto.
Ngokudla umhlanganiso, Abafana baseSithabile High bakhale bemuka nomklomelo ka-R10 000. Isibili kulo mqhudelwano siphunywe iMvaba Secondary yaseMatikwe, eNanda, maqede yazihlabanela ngo-R6 000.
Endaweni yesithathu kungene iKwaNtebeni High yaseBotha’s Hill, eklonyeliswe ngo-R4 000.
Umphathi weqembu lesicathamiya laseSithabile High, uNksz Nomonde Nkomonde, uthe akumthusanga ukuwina kwabafana bakhe ngoba sebekujwayele. Uthe iSithabile bese kungokwesithathu ihlabana kulo mqhudelwano njengoba yake yadla umhlanganiso iminyaka emibili ilandelana ngo-2017 nango-2018.
Lo thisha ofundisa isiNgisi neLife Orientation kulesi sikole, uthe imfihlo yabo isobala, ukuthi leli qembu lizilolonga zonke izinsuku futhi seliyaziwa nasemahholo.
"Uma liqhudelana namaqembu amakhulu emahholo libizwa ngo-Ben 10 Bodumo. Ngesonto eledlule liwine emqhudelwaneni wesicathamiya obuwenziwe yiMzumbe Lover Boys obuseYMCA. Muva nje, belihlabane esitekini ebesibekwe yiRoyal Messengers."
Lo thisha odabuka eDlebe, eMahlabathini kodwa osehlala eNtuzuma, uthe leli qembu laqanjwa ngo-Ben 10 Bodumo nangoPopayi ngamaqembu ayeleya emahholo kanti lizophendula amatafula.
Uthe kulesi sikole yilapho kwavumbululwa khona ikhono labaculi bokholo uThinah Zungu no-Andile Mbili waBanqobi. "Umculo sewusize inqwaba yabafundi ebebehlupha ngoba kuvela ukuthi banekhono. Ngenxa yothando lomculo umfundi ugcina esenza kahle nasezifundweni zakhe. Nasemfundweni asizibekile phansi njengoba kwa-matric ngonyaka owedlule iSithabile High yathola u-86.4%. Nakulo sifuna ukwenza kahle kakhulu."
Umgqugquzeli walo mqhudelwano, uChris Ntuli, uthe konke kuhambe kahle nakuba abafundi bephazanyiswe izivivinyo eziqhubeka ezikoleni. "Kuphoqeleke ukuba izikole ezingu-25 zihoxe ngomzuzu wokugcina ngenxa yokuthi abafundi bayabhala. Lezi eziphumelele ukuza zikhiphe amangwevu."
Izithameli zibuye zazitika ngamanoni omculo engwazi ye-Afro Blues, uMadala "King of Zulu Guitar" Kunene.
UNtuli ube esenxusa uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko kuleli ukuba uwuxhase lo mqhudelwano ngoba uvumbulula izinkunzi ematholeni.
"Siyawucela ukuba usilekelele ekuvumbuleni nasekuthuthukiseni isicathamiya ukuze singashabalali."
Lo mncintiswano bewuchaswe yiNational Lotteries Commission nePlayhouse Company.