KULINDELEKE ukuthi kubuye abalingisi abazojatshulelwa ababukeli bomdlalo iSkeem Saam kwiSABC1, nabake baba yingxenye yalo mdlalo phambilini.
Lokhu kuvezwe yilesi siteshi esithe ababukeli balo mdlalo okhonjiswa phakathi nezinsuku ngo-7.30 ebusuku bazobhema bakholwe njengoba kukuningi okusha okuza kuwo.
UCaroline Phalakatshela okhulumela i-SABC uveze ukuthi ukufika kwalaba balingisi kuhambisana nokuboshwa kukaLehasa (Cedric Fourie).
“Ababukeli bomdlalo ngasekupheleni konyaka odlule besisanda kubethulela abanye abalingisi. Abanye bashiye lo mdlalo wenza kahle ezibalweni zemidlalo ehamba phambili ngababukeli. Siyabonga kubalingisi abafana noWarren Masemola indawo yakhe ethakaselwe abaningi.
“Manje sethula abanye njengoba uLehasa osejele ngenxa yokuqola, ukubulala aphinde antshontshe eboshiwe manje. Kusuka manje kuzobonakala ejezela amacala akhe ejele njengoba impilo ephezulu abeyiphila isiphelile. Lokhu kuzomenza ahlangane nabantu angabazi ejele nokulapho umdlalo uzobe usuthakaselwa khona,” kusho uCaroline.
Uveze ukuthi kubalingisi abasha kukhona inkakha uRonald Mkhwanazi oke walingisa kuZalo ozobe edlala indawo kaTa Austin, Thabo Gwadiso (Vader), Thulani Kunene (Pavarotti), Jerome Du Plooy (Craig Klassen), Malibongwe Mdwaba (Shongwe) nentokazi uTaune Block ozobe elingisa indawo kaDr Blue ongudokotela wasejele.
"Ababukeli esifuna ukubatshela khona ukuthi kuzobuya nabanye abalingisi bakudala, esingeke bona sibamemezele. Kodwa esikwaziyo ukuthi bayizintandokazi kubo, nabazobonakala maduzane,“ kuchaza yena.