UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe akafuni ukuphinde ababone abokufika abakuleli ngokungemthetho emafemini aKwaSithebe, eMandeni.
UNtuli usho kanje ngoLwesihlanu, kule ndawo ngesikhathi ehambele amafemu ehlukene, eyohlola izimo zokusebenza kuwona.
Ekhuluma nezisebenzi ezivele zaqoqana eduze kwakhe, zimbona etheleka kungazelelwe namaphoyisa, abezoMnyango weziSebenzi, uMnyango wezaseKhaya nobuholi bendawo, uthe udaba lwabokufika abangenamaphepha abagunyaza ukuba kuleli, akafuni ukuphinde ababone kule femu abeyihambele, nakwamanye asendaweni.
“Ngiyezwa ukuthi nithi bazongena (emsebenzini) ebusuku (abokufika). Angithi amaphoyisa akhona? Azophinde abuye nasebusuku,” kusho uNtuli.
Uthe lolu hlelo lwangoLwesihlanu, luzoqhubeka nangezinye izinsuku, ngisho engasekho yena, wathi abakwasidlodlo behambisana nobuholi bendawo bazolokhu beya njalo emafeni ukuyobheka ukuthi iyaqhubeka yini indaba yokuqasha abantu bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho.
Uthe basembhidlangweni wokuhambela wonke amafemu esifundazweni ukubheka ukuthi aqashe abantu okufanele baqashwe yini.
“Sizobheka nokuthi izimo zokusebenza zisezingeni yini. Sibheke ukuthi imithetho yamaholo iyalandelwa yini,” kusho uNtuli.
Uqhube wathi uhulumeni waKwaZulu-Natal noMnyango wezaseKhaya bazoqhubeka babambisane ukuthi lolu hlelo abaluqalile luqhubeke.
“Asifuni kube khona abantu okuzodlalwa ngabo. Sizozilandelela izimo enisebenza ngaphansi kwazo ngoba baningi abantu bakule ndawo abangaqashiwe, abafuna umsebenzi,” usho kanje.
Wethembise ukuthi uzobuyela emumva ayohlela ithimba elizobuya lizohlala phansi (nezisebenzi), lithathe zonke izikhalo zazo ukuze abone ukuthi zixazululwa kanjani.
“Namuhla bengizobheka nje abokufika abangenawo amaphepha okuthiwa bagcwele la,” kusho uNtuli.
Izisebenzi zizwakalise ukungeneliseki ngesikhathi uNtuli ethi kufanele zibike ukungaphatheki kahle kwazo eMnyangweni wezeziSebenzi, zathi uyagwazelwa, awuzithatheli phezulu izikhalazo zazo.