SIPHULUKUNDLELE amaphoyisa asala ebambe ophaca, isiboshwa okuthiwa sishiye imantshi nezikhonzi zenkantolo zibambe ongezansi sijomba ebhokisini labasolwa emva komyalelo wokuthi sibuyiselwe ekhulukuthu.
UMnuz Ntuthuko Nxumalo (30), obevele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseGlencoe, ebhekene necala lokweba, kuthiwa ushiye amaphoyisa nonogada behlanza udende ngesikhathi ecela empunzini engena ehlathini, eshiya enkantolo ophaca abebacathulele. Ngesikhathi sokushicelela, Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi ubesagcwelwe amathafa.
Lo mthombo obukhona enkantolo ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, uthe imantshi beyisanda kukhipha isinqumo sokuthi abuyiselwe ngaphakathi kwazise ubevela okokuqala ngecala lokuntshontsha.
“Imantshi ithe iqeda nje ukumtshela ukuthi icala lakhe liyahlehla, uzogqunywa esitokisini kuze kube wuSepthemba 17, waphulukundlela wadla phansi ephuma ngomnyango wenkantolo. Bekukhona amaphoyisa amabili asenkantolo nonogada, bazama ukumbamba kodwa wajomba ucingo wangena ehlathini, kwaba ukunyamalala kwakhe,” usho kanje.
Uthe umsolwa uvela nje, ubevele edonsa isigwebo esithile esilengisiwe ngawo amacala okuntshontsha angaxhumene naleli abevele ngalo enkantolo, njengoba ayetholwe enecala ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, wagwetshwa. Kuthiwa amaphoyisa amabili azamile ukumshekelela kangangoba elinye lize ladubula ngenhloso yokumfaka amanzi emadolweni, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, waqhubeka nokubaleka.
Kushaye isikhathi sokushicilela, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda engakayiphenduli imibuzo athunyelwe yona ukuqinisekisa lesi sigameko.