UMCULI wekwaito owazakhela udumo ngengoma eyashisa izikhotha, Izinja, uSandile Ngema obedume ngelikaMapaputsi, udlule emhlabeni eseThekwini, ngoLwesine ebusuku.
USanza ongomunye umculi nophrojusa nowasebenza kakhulu noMapaputsi, uthe bamatasa nezinhlelo zokuthi isidumbu salo mculi siyiswe eZola, eGauteng.
“Njengamanje engingakuqinisekisa ukuthi ushonile. Ngenxa yokuthi nginomndeni wakhe njengamanje, kukhona esisakulungisa ngizocela ubuye ungithinte ukuze ngikwazi ukukuchazela konke. Ngibona kuzoba sengathi angiwuhloniphi umndeni ukuthi ngikhulume singaphothulile zonke izinhlelo. Kuningi okusamele kwenziwe ukuze ayiswe ekhaya njengoba ethulele la eThekwini,” kusho uSanza.
UMapaputsi kuthiwa ubesenonyaka engaphilile futhi isimo sakhe besilokhu siba sibi zonke izinsuku. Kulo nyaka kuke kwaba namaciko abezama ukuhlanganisa ukuze kusizwe uMapaputsi kodwa umndeni wakhe ubucelwa ukuthi unikwe isikhathi ubhekane nesimo sempilo yakhe ngaphandle kokuthi kusatshalaliswe izindaba zokugula kwakhe. Lokho kwenza kwaba nzima ukuthi asizakale kodwa nawo amaciko athi ayakuqonda ukuthi umndeni ubuvikela isithunzi sakhe.
Ngokuhamba kwesikhathi uMapaputsi wabhala nasezinkundleni zokuxhumana ethi yena uphila saka, azikho izindaba zokuthi ukasavuki embhedeni. Waze wathi uphile saka futhi ulindele ukubhukhwa aye kosebenza.
UMapaputsi ungomunye wamavulandlela emculweni iKwaito owayeyibambe noZola 7, TKZee neChiskop nabanye.
Iculo lakhe Izinja lango-2001 laphenduka iculo lesizwe futhi waze wawina ngalo izindondo ezimbili kumaMetro FM Awards, ethatha indondo ye-Best Kwaito Artist neye-Best Kwaito Song ngo-2002.