LISENGCUPHENI ikusasa likaNdlunkulu uNomzamo Myeni njengoba sekuvele incwadi ehoxisa umgcagco kanye nabaqaphi bakhe.
UNdlunkulu bekufanele agcagcele iSilo ngeSonto, kodwa kuvele ukuthi udwendwe seluhoxisiwe.
Lokhu kuvele encwadi lapho khona iSilo sihoxisa onogada bakaNdlunkulu kanye nemihlomulo ayitholayo.
Le ncwadi ehoxisa onogada bakaNdlunkulu ibhekiswe kuMqondisi Jikelele eHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uDkt Nonhlanhla Mkhize.
Incwadi iyalela ukuba abaqaphi kanye nemihlomulo kaNdlunkulu ihoxiswe lingakashoni elangoMsombuluko.
Umgcagco uhoxiswa nje bekuvele kunesicelo esifakwe uNdlunkulu uNtokozo Mayisela Zulu sokuka umiswe.
Khonamanjalo, iMbube iphinde yaxosha loyo obeyikhulumela, uMntwana uSimphiwe Zulu.
Incwadi ebonwe yiSolezwe iphinde uMntwana uSimphiwe nasekumeleni iSilo endlini yobuholi bomdabu.
Kule ncwadi iMbube ikhala ngokuthi uMntwana uSimphiwe akatholakali kwabezindaba uma befuna aphawule ngezithinta indlunkulu.