SESISEZANDLENI ezintsha isikole ebesiphethwe yisilomo somsakazi woKhozi FM ongasekho emhlabeni, uBheka ‘BK’ Mchunu, iKZN Matric School Excellence.
Isikole esasungulwa ngumsakazi ngo-2007, saziwa ngokulekelela abafundi abasuke bengaphumelelanga umatric nalabo abasuke behlose ukulungisa kabusha izifundo zabo.
UNksz Buhlebemvelo Langa, ongunina wengane ka-BK uthe isikole esise-ML Sultan, eThekwini, siyaqhubeka yize engasekho emhlabeni uBheka.
Uveze ukuthi bafisa ukuhlonipha umsakazi ngokuthi baqinisekise ukuthi lokhu akushiya akufadabali kodwa kunalokho kudlondlobale.
Uqhube wathi ungomunye walabo abasebuholini obusha besikole. "Sizimisele ngokuthi senze konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi awufadabali umsebenzi kaBK,'' usho kanje uNksz Langa.
Wathi inhloso kaBK ngesikole kwakuwukuthi aklame indima yokuqinisekisa ukuthi bayasizakala abafundi baKwaZulu Natal, abasuke beqhuzukile ku-matric.
"Okwethu manje ukuthi siqinisekise ukuthi awufi umbono kaBK ngokuhamba kwakhe emhlabeni. Thina esisele kumele senze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba ngendlela,'' usho kanjena.
Unxenxe bonke abafundi abavela ezingxenyeni ezahlukene zaKwaZulu Natal, ukuba basondele bazobhalisela ukwenza kabusha umatric wabo.
Uthe esikoleni benza zonke izifundo ezikhona kumatric futhi bahlome ngothisha beqophelo eliphezulu.
Udalule ukuthi bathathe isinqumo sokuthi balivale igatsha lesikole ebeliseMfolozi TVET College, eSikhaleni ngenxa yezizathu ezithile.
"Sifuna ukugxila kakhulu lapha eThekwini,'' egcizelela uNksz Langa.
Uphethe ngokuthi abafuna ulwazi oluthe xaxa bangabashayela kule nombolo : 031 373 6391