SEKUBUNJWE uhlaka lwamadoda aseNkandla, azohamba phambili uma kunabesilisa abafisa ukuganwa kodwa bengenawo amandla okukhokha imali eyanele ekhweni.
Kuthiwa umsebenzi wohlaka kuzoba ukuhambela imindeni ohlangothini lwabesifazane, kunxenxwe ukuba ingabi nkulu imali yelobolo.
Lokhu kubhungwe kabanzi emhlanganweni omkhulu obusehholo lomphakathi obuseMcakweni, eNkandla.
Umsunguli nohamba phambili kulolu hlelo nguMnuz Gregory Biyela, ophinde abe nguthisha.
Uthe okudale ukuthi afinyelele kulo mcabango ukuthi baningi abesilisa abafisa ukuganwa kodwa abazithola bebhekene nengwadla yokungabi nayo imali eyenele yokulobola.
Uthe akumele bavinjwe ababili abasuke bethandana kodwa bagcine sebekipita ngenxa yokuthi owesilisa akanayo imali eyanele yokukhokha amalobolo.
Wathi ukholwa ukuthi ukubunjwa kohlaka kuzodala ukuthi zenziwe zibe emthethweni izinto kunokuthi kukipitwe.
"Lena yindlela esizama ngayo ukuthi kube khona esikwenzayo ngenhloso yokuthi sinciphe isibalo sabantu abakipitayo eNkandla. Lokhu sicabanga ukuthi kuzohamba ibanga elide kakhulu ekuletheni ukukhanya kule ndawo,'' usho kanjena uBiyela.
Amadoda amaningi azwakalise imibono yawo ehlukene ngalolu daba. Iningi lawo lithe kunokuthi kukipitwe kungcono ukuthi kujutshwe uhlaka lungenelele bese kubhungwa ngokuthi loyo wesilisa angakwazi ukuthi akhiphe imali engakanani.
Induna yakule ndawo, uMnuz Mahaye ithe kumqoka kakhulu ukuthi kubhungwe kabanzi ngezinto zalolu hlobo.
Uthe bekumqoka nokuthi bahlanganiswe abesilisa namadoda emizi aseNkandla, yikhona ezokwazi ukuzwakalisa imizwa yayo ehlukene mayelana nokubunjwa kwohlaka.
Kubhungwa ngalokhu nje, ohlelweni lweMoja Love kukhona abesilisa abathi bafisa ukulanda amalobo abo kwabesifazane okusuke kungahambanga kahle othandweni nabo.