IBANDLA lamaLuthela i-Evangelical Lutheran Church, elizinze eThekwini, kulindeleke ukuthi ligcobe ngokuphelele uDean Elect, uMengameli uNjabulo Sithole, enkonzweni ezobe ikusasa ebandleni lase-African Congregational Church of South Afrika, eCliffdale.
UMengameli uSithole uzogcotshwa nguMbhishobhi uNkosinathi Myaka, enkonzweni ezoqala ngo-8:30 ekuseni.
Omele abefundisi bamaLuthela esiFundeni saseThekwini, uMfundisi Sabelo Mkhathini, ekhuluma nephephandaba ecacisa ngenkonzo uthe isikhundla siyavotelwa.
“UMfundisi Sithole usebuya ihlandla lesibili kulesi sikhundla. Le nkonzo yenziwa kanye emva kweminyaka eyisithupha. Inesasa elikhulu ngoba osuke ekhethiwe esikhundleni abazalwane basuke betshengise uthando abanalo ngaye kanye nokumethemba,” kuchaza uMfundisi uMkhathini.
Uthe njengoba uDean Elect uMfundisi Sithole ezothatha izintambo, uzokwengamela ingxenye ethize yebandla ngaphansi koMbhishobhi.
“Wengamele ingxenye yeSouth Eastern Diosis, ekhava iKwaZulu-Natal, ingxenye ethize yase-Eastern Cape ukuya eMthatha, naseFreeState, kuze kuyofika Harrismith,” usho kanje.
UDean Elect uMengameli Sithole, uthe ukuqokwa futhi kuyena kuyithuba eliyingqayizivele.
“Umuntu uyaye angazi ukuthi uzoqale athini. Ngiyazibuza ukuthi yini abantu abayibonile kimi ukuze bangikhethe futhi ngoba lokhu akuyona into eyandele bani,” kusho uMengameli.
Uthe unezifiso eziningi ngebandla futhi uzoqinisekisa ukuthi njengoba engumongameli uzofeza okuningi.
“Lapha esifundeni saseThekwini, asikakabi nayo indawo yethu lapho esingakwazi ukuthi sibabembele izinkonzo zethu ezinkulu. Siyayidinga kakhulu ukuze sikwazi ukubambela kuyo izinkomfa,” usho kanje.
Uthe akusikhona kuphela ukuthi kwakhiwe isikhungo sesifunda kodwa ibandla lidinga ubuholi obuqotho, obuzophatha ibandla ngokweqiniso