NAKUBA ezalelwe wakhulela eGoli, kodwa lokhu akwenzanga wakhohlwa noma ashintshe uhlobo lomuntu ayilona njengoba esesemncane ebeyigidangoma emaqenjini ahlukene engoma, ekhonze nokulalela umaskandi nombhaqanga.
Buqale futhi bakhula lapho ubuciko bokukwazi ukubhala izingoma ezinomyalezo kuB33kaySA, umculi wama-piano ongenisa ngezingoma ezinomyalezo kule ndima yobumnandi.
UB33kaySA igama lakhe lokuzalwa wuBhekisisa Mshibe. Inkaba yakhe iKwaNongoma, enyakatho yaKwaZulu-Natal. Usesebenze namaciko esingabala kuwona uKabza De Small, Heavy K, Darque, Stakev, DJ Maphorisa, Tyler ICU noSoa Mattrix, asebenze naye kakhulu kwi-albhamu yeSoa Family yango-2023, ethi Isibusiso.
Exoxa neSolezwe Ngempelasonto ngohambo lwakhe lwezobuciko, uB33kaySA (22) wodumo lwengoma kaSoa Mattrix ethi Athandwe, uthe ubuciko busheshe baziveza kuyena, okuthe ngenxa yokukhula ngesikhathi lapho ama-piano ehamba phambili khona, wakhetha ukungena kuwona, kodwa ngendlela ehlukile kunozakwabo.
Uthe okunye okwamphusha ukuphuma aphele kumaskandi wukuthi unina wayengayizwa nhlobo eyokuba yigindangoma kwakhe, ekhala ngokuthi kunobungozi ezintweni zobubhinca.
“Ngiyakhumbula ukuthi ithuba lokungenisa kuma-piano ngalithola ngokuthi bengivame ukubhalela izingoma intokazi yaseZimbabwe uNkatha, okungisize ngokuthi uma nginaye lapho aqopha khona, bengisizakala ngokuhlangana namaciko ehlukene, agcine efisa ukusebenza nami,” kusho uB33kaySA.
Eqhuba, uthe nakuba nyakenye nango-2023, okuyiwona nyaka agqame ngawo emculweni, esebenze ezingomeni zamaciko amaningi, kodwa kusamkhathaza ukungaqashwa emicimbini eminingi ngale ndlela afisa ukuthi kube ngayo ukuze achume.
“Ngenye yezinselelo engibhekene nayo leyo yokuthi umculo onami uyasabalala futhi abantu bayawuthanda, kodwa mina uqobo angikazeki ngendlela okwaziwa umculo wami ngayo. Ngenye yezinto leyo engihlela ukusebenza kakhulu kuzona, yize ngikuqonda ukuthi akuzukuba lula ikakhulu ngoba okuningi kubheke mina njengoba ngingasayine ndawo,” usho kanje.