ISABALELE ezinkundleni zokuxhumana i-vidiyo yomhlengikazi osolwa ngokunqaba ukusiza isiguli esidabuka eZimbabwe, esikhungweni sezokwelapha eMidrand, eGauteng.
Kulesi siqeshana, kuzwakala owesifazane oqophayo enxusa umhlengikazi ukuthi ahlole izinga lomfutho wegazi wakhe. Uzwakala ethi ufike esibhedlela emuva kwamahora ambalwa engasizwanga.
"Kuthiwa kufanele ungibhalele incwadi engidlulisela phambili kodwa uyenqaba ... angisakwazi ukulinda. Ngicela ukuya kudokotela," kusho owesifazane.
Nokho, umhlengikazi uthi owesifazane wenqabile ukusizwa. Isimo sashuba ngokushesha lapho umhlengikazi ephendula ngokucasuka.
"Memeza ugcine lapho othanda khona, ngeke ngikubhalele incwadi. Ngisho ungathatha isithombe, ungibophe wenze okuthandayo, ngizokumangalela," kusho umhlengikazi ebonisa ukudinwa.
Lesi siguli siqhubekele kwabanye abantu sibika usizi lwaso sabuyela kuye umhlengikazi sithi kuthiwe akasithathe iBP kodwa umhlengikazi wathi akakwenzi lokho umsebenzi wakhe wukudla, sathi isiguli yingakho ukhuluphele udla njalo.