AKAWUBONI uvutha amalangabi umdlalo wokusonga u-Group C weCaf Champions League phakathi kwe-Al Ahly yase-Egypt ne-Orlando Pirates uRoger De Sa owayengumqeqeshi weZimnyama ngesikhathi lezi zinkunzi zigcina ukunqwamana eminyakeni edlule.
Lo mdlalo okuhlangene kuwona amaqembu awaziyo umuzwa wokuqukula inkomishi yeChampions League, uzoba kusasa ngo-6 ntambama eCairo International Stadium, e-Egypt.
UDe Sa wayesebhentshini ngesikhathi iPirates igcina ukubhekana ne-Ahly kowamanqamu weChampions League ngo-2013, osekuwumlando ukuthi yagcina ikhale ngaphansi kuwona.
IPirates eyayibophele abadlali okukhona kubona uLucky Lekgwathi, Tlou Segolela, Rooi Mahamutsa, Daine Klate noS’fiso Myeni, yadlala ngokulingana ngo 1-1 kowomlenze wokuqala eSoweto, ngaphambi kokushaywa ngo 2-0 kowesibili eCairo.
UDe Sa uthe akawuboni lo mdlalo ufika ufinyelela ezingeni elibhekiwe.
“Akusho lutho kwi-Al Ahly ukuthi iqede kuphi neqoqo, inqobo uma idlulele esigabeni esilandelayo. Engingakutshela khona wukuthi i-Al Ahly ngeke ibadlalise abadlali bayo abamqoka kulo mdlalo ngoba asebekubhekile ukuthi bazoqhathwa nobani kuma-quarterfinal,” kusho uDe Sa owasebenza njengephini lomqeqeshi weqembu lesizwe lase-Egypt.
“Ngiyazi iPirates inesifiso sokuqeda iqhwakele, ngakho-ke mhlawumbe izobophela isikimu sayo esijwayelekile yona kodwa angiwuboni umdlalo ushuba. Ngibona umdlalo obandayo nongeke nangengozi ufike lapho kulindeleke khona. Imbangela enkulu yalokhu wukuthi imidlalo yalolu hlobo i-Al Ahly iyithatha njengesingekho isidingo sayo. Ukuhlangana kwalezi zinkunzi zase-Afrika sezivele zizibekisele indawo kwayishiyagalombili asele esigqokweni kuzokwenza umdlalo ungavuthi njengoba iningi lilindele,” kubeka uDe Sa.
Yize engathandanga ukwenaba ngokwenzeka ngo-2013, lapho okwavela khona ukuthi bahlukumezeka e-Egypt kodwa uthe kulokhu ngeke iPirates iphathwe kabi ngoba okuningi sekwashintsha.
“Okwenzeka kithina kwakuyindlela yakhona yokwenza yangaleso sikhathi kodwa iPirates ngeke ibenankinga ngakho konke ekudingayo. Vele ngeke bayilalise ehhotela eliphambili kakhulu kepha bazoyifaka kwelisesimweni esamukelekile njengoba nayo yenza ngesikhathi beyodlala e-Orlando,” kuphetha uDe Sa.
Khonamanjalo, iMamelodi Sundowns izobhekana ne-AS FAR Rabat yaseMorocco kowokugcina kaGroup B weChampions League eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngeSonto ngo-6 ntambama. KoweCaf Confederation Cup, iStellenbosch FC izovakashela iRS Berkane yaseMorocco kowokuvala kaGroup B ngeSonto ngo-9 ebusuku.