Al Ahly (0) 1
Orlando Pirates (0) 2
I-Orlando Pirates iqede iqhwakele kuGroup C ingasazi isibhaxu kulandela ukuguqisa i-Al Ahly ngo 2-1 emdlalweni wokugcina wamaqoqo eCaf Champions League ngoMgqibelo ebusuku.
Amagoli ezikaMagebhula ashaywe nguRelebohile Mofokeng noTshegofatso Mabasa. Ele-Ahly liqhamuke kuHussein Elshahat.
Womathathu angene esiwombeni sesibili kulo mdlalo obuseCairo International Stadium, e-Egypt.
La maqembu angene enkundleni esevele ezibekisele izindawo kuma-quarterfinal eChampions League.
Nokho, lo mdlalo ubusabalulekile njengoba ebesebanga ukuqhwakela kuleli qoqo ukuze agweme amaqembu azoqeda esicongweni kwamanye amaqoqo uma sekuqhathwa azobhekana kuma-quarterfinal.
IPirates ibidinga iphuzu ukuze inqobe leli qoqo, kanti i-Ahly ibiwadinga ephelele ukuze igudluze leli qembu lase-Orlando esicongweni.
Ngesikhathi egadulisana e-Orlando Stadium ngoDisemba nyakenye, umdlalo uphele zibambene ngo 0-0.
IRed Devils ithole amathuba angcono esiwombeni sokuqala kodwa yahluleka ukuwasebenzisa.
UYasser Ahmed ulibeke eceleni ngekhanda ngomzuzu ka-16, ngoka-18 kwasebenza uSipho Chaine evimba ebelingqomfwe nguKhaled Abdelfattah.
IPirates ibilithola ithuba lokuya phambili nebhola kodwa ifike ihluleke uma isisondele ngasebhokisini, kwayiwa ekhefini zisabambene ngo 0-0.
Iqembu likaJose Riveiro liyibhakuzise kuqala inethi esiwombeni sesibili ngomzuzu ka-53.
Izitobha ze-Ahly zihluleke ukukhipha ibhola ebeligotshwe nguThalente Mbatha ngakwesokudla, latholwa nguMofokeng ebhokisini, walinamathisela enethini.
UChaine uphinde wenza ezibukwayo ngomzuzu ka-51, evimba ishodi ebelishaywe nguWessam Abou Ali eseduze.
Lo nozinti ugcine elicoshile enethini ngesikhathi ephambana nebhola elishaywe ngu-Elshahat ngomzuzu ka-69, esanda kungena enkundleni.
Ezimnyama ziphinde zahamba phambili ngomzuzu ka-83 ngesikhathi uTshefatso Mabasa engqofela phakathi ibhola eligotshwe nguKabelo Dlamini.
Lo mphumela uqinisekise ukuthi iPirates iqeda phezulu kuleli qoqo ngamaphuzu angu-14 emidlalweni eyisithupha. Inqobe imidlalo emine, yadlala ngokulingana kwemibili.
I-Ahly, evikela isicoco seChampions League, ilale isibili ngamaphuzu angu-10.
Komunye umdlalo kaGroup C obubanjelwe e-Algeria, iCR Belouizdad ibhudluze iStade d'Abidjan ngo 6-0. Lo mphumela awulisizanga ngalutho leli qembu njengoba liqede endaweni yesithathu ngamaphuzu ayisishiyagalolunye, elase-Abidjan laqeda emsileni ngephuzu elilodwa.