BEBEBULALA inyoka ngendlela abebephume ngayo abathandi bomculo kamaskandi beze kuMbuso WamaCiko Maskandi Festival obuseWorkshop eThekwini, ngoMgqibelo.
Okugqamile ukuthi abalandeli bakamaskandi bebengafuni nhlobo ukulinda uma kusashintshana abaculi ngokungena esteji ngoba uma ephuza olandelayo ukungena esteji, ububona sekundiza ibhodlela emoyeni. Bekuthi uma esengenile umculi baqhubeke nokudansa kungabi khona msindo. Ngokunjalo uma kusheshe kwaphuma iciko abalithandayo esteji, bebesho kanyekanye ukuthi alibuye. Uma bengalalelwa baqale bafune ukujikijela lize libuyiswe.
Ukungafuni ukuphazanyiswa kwabo kugqame ngesikhathi sekufika amaphoyisa sekusa umcimbi usuzophela, ethi kumele umcimbi uvalwe ngoba sekwedlule isikhathi.
Abahleli bomcimbi babachazelile abalandeli ukuthi abalinde kancane basaxoxa namaphoyisa, umcimbi uzoqhubeka, kwasho khona ukuthi ukulinda yinto abebengasahambisani nayo nhlobo, baqala bajikijela amabhodlela esteji.
Kuphoqeleke ukuthi kungenelele amaphoyisa ukuze kungagcini sekulimala abantu nokugcine kuphoqa ukuthi ungabe usaqhubeka.
Ngaphandle kwalokho, azikho ezinye izigameko ezibekhona kanti nabaculi bebekhombisa ukuzimisela kakhulu. Nemvula eke yafuna ukuna isheshe yanqamuka umcimbi waqhubeka ngempumelelo.
Kulo mcimbi abaculi bebenyuse kakhulu izinga njengoba noSaliwa enze okungejwayelekile, engena esteji ebhincise okukamakoti ehamba namagidangoma akhe abebhincise okwabesifazane.
Ukudlala kwakhe esteji kuchaze abaningi njengoba eze walekelela wudadewabo uNdoni oqhamuke nawakhe amagidangoma egudla ngaphansi kwesteji.
UMjikijeli owagqama ngoshuni kaMjikijelwa uchaze abantu enandisa kulo mcimbi, njengoba bese kunesikhathi agcina ukubonakala emicimbini.
Kuzokhumbuleka ukuthi uvela kulo mcimbi nje, uke wavela ezikhalela ngokungaqashwa emicimbini. Kulo mcimbi abalandeli bakaMjikijelwa bakhunjuzwe lo mculi ngayo yonke indlela njengoba kudlale yena uMjikijeli, kwaba iqembu lakhe Ezechalaha eseliholwa wuBhekihonga, kwaphinde kwacula uMzukulu kaShafuza ongomunye wamadodana bakaMjikijelwa. UBhekihonga uze wadlala enye yezingoma zikaMjikijelwa wama ngelokuthi ngeke bangayidlali ngoba lo mculi ongasekho owakubo.
UBuselaphi naye wenze adume ngazo, kwaba wuShwi Mantombazane ocelwe impinda waze wabuyiselwa esteji. Abaculi abasha abaqashwa ngokuvotelwa ukuthi baqashwe kulo mcimbi oGcabashe, Maganga noMnyovu wodumo lwengoma iThatha Le nto, nabo bajabulise abantu. Isikhathi sokuviliyela kwabaculi beqhamuka namatemu besingekho ngenxa yokuthi bebebaningi kakhulu abebeqashiwe, kumele kunikwe wonke umculi ithuba. Abanye abanandisile singabala oLuve Dubazane, Mbeje, Mroza, Ntencane, Ithole Lendidane, Inkosi Yamagcokama, uMkhathazi, Jaiva Zimnike, Bahubhe, uGatsheni, uQuality, uDulas, uMjolisi, u-Ali Mgube, uKhaza, uNavigator, uMdumazi, Imfezemnyama, uDumakahle, abaculi abakwiTop 10 kuShuni Womhlaba nabanye.
Uhlelo beluphethe woVusizwe Langa, Bheki Cele Modekazi nabanye.